UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, usabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, uma engawahoxisi amasamanisi ambizela enkantolo.
URamaphosa noZuma babambene ngezihluthu empini yezomthetho eqale emva kokuthi uZuma enqume ukuzishushisela mathupha uRamaphosa.
Isinqumo sokushushiswa kukaRamaphosa sisukela ecaleni lapho uZuma ezishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer, nentatheli yeziko lezindaba elibhala ngesilungu.
Kuleli cala uZuma usola uDowner nentatheli ngokuputshuza ulwazi olumfihlo olumayelana nesimo sempilo yakhe.
UZuma usola uRamaphosa ngokuba yingxenye yokuphulwa komthetho kuleli cala njengoba ethi akazange athathe zinyathelo ngesikhathi embikela ngokuphula umthetho kukaDowner.
Ngaphambi kokuqala kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eqhubeka eGoli, uZuma wathumela uRamaphosa amasamanisi ambizela enkantolo.
Ngokwamasamanisi, uRamaphosa kufanele ayoziphendulela enkantolo ngoJanuawari 19.
Kepha encwadini yabameli uRamaphosa uchaze lawa masamanisi njengemizamo yokuphazamisa umkhankaso wakhe wokuhola i-ANC ihlandla lesibili.
URamaphosa uthe kuyasolisa ukuthi amasamanisi athunyelwe ngaphambi kokuqala kwengqungquthela ezosongwa kusasa.
URamaphosa uthe lawa masamanisi awambophezeli ukuthi avele enkantolo ngosuku olubekiwe.
Unqumele uZuma umnqamulajuqu wanamhlanje ukuba ahoxise amasamanisi.
“Uma ungawahoxisi lawa masamanisi ngizothatha izinyathelo zomthetho okubalwa kuzo ukuthi ngifune ukuthi ukhokhele izindleko zecala.”
Kepha abameli bakaZuma bathe lawa masamanisi ayambophezela uRamaphosa ukuthi avele enkantolo.
Bathi angeke avele awashaye indiva amasamanisi ngoba nakhu engahambisani nawo. Bathe balindele ukuthi avele enkantolo ngosuku olubekiwe noma aye enkantolo ayofuna ukuthi kuchithwe amasamanisi.
Abameli bakaZuma bakuchithile ukuthi inhloso yokukhipha amasamanisi bekuyimizamo yokuphazamisa umkhankaso kaRamaphosa.
Yize kunjalo, abameli bakaZuma bathe kabanayo inkinga ukuhoxisa okwesikhashana amasamanisi.