OSANDA kunikezwa ihlandla lesibili lokuhola i-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi kunzima ukuhola le nhlangano.Lokhu ukutshele umndeni wowayengumengameli we-ANC, uMnuz Zaccheus Mahabane, ngesikhathi ehlangene nawo izolo.
URamaphosa uhlangane nomndeni kaMahabane njengengxenye yezinhlelo ezandulela umcimbi wokugubha iminyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC.
URamaphosa utshele umndeni ukuthi uMahabane owahola i-ANC ngezikhathi ezinzima, kepha wathi sekunzima kakhulu manje ukuhola i-ANC nxa kuqhathaniswa nezikhathi zoMahabane.
Uze wancokola ngokuthi ngeke abe nankinga ukusinikeza noma ngabe ngubani osifunayo isikhundla sokuhola i-ANC.
“Ngifuna ningikholwe uma ngithi kunzima kakhulu manje ukuhola i-ANC. Akusiyona into encane. Yebo, kwakunzima ngezikhathi zabo kodwa kunzima kakhulu manje.”
Emva kokuhlangana nomndeni, uRamaphosa ube esebeka izimbali ethuneni likaMahabane.
Uthe uMahabane nabanye babamba iqhaza elikhulu ekubumbeni i-ANC, wathi kubalulekile ukuthi kuqhakanjiswe iqhaza labo.
URamaphosa uthembise ukuthi kuzophuculwa ithuna likaMahabane emva kokuthola izikhalazo emndenini, okhale ngokunganakwa kwalo.
“Izinto ezikanje zingiziswa ubuhlungu. Kuyangijabulisa ukuthi niyikhulume le ndaba. Ithuna lakhe sifuna ukulenza indawo yamagugu. Uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe kufanele badlale indima yabo. Ngizoyifakela izibuko le ndaba.”
Bekungokokuqala uRamaphosa ekhuluma esidlangalaleni njengomengameli we-ANC kusukela kwaguqa ingqungquthela eyamnikeza ihlandla lesibili kulesi sikhundla.
URamaphosa wakhethwa kunzima njengoba ayesejikelwe ngabanye babantu ababekade bephambili ekumesekeni.
Phakathi kwabantu abalaxaza uRamaphosa, kubalwa uSihlalo we-ANC eLimpopo, uMnuz Stanley Mathabatha.
UMathabatha ungumholi wokuqala owazwakalisa ukweseka umbhidlango kaRamaphosa wokuthola ihlandla lesibili, lokhu wakusho emgubhweni iJanuwari 8, wangonyaka owedlule.
Kepha uMathabatha umangaze abaningi ngesikhathi eshaya ungqimphothwe ngosuku lwengqungquthela, wathi weseka uDkt Zweli Mkhize.
URamaphosa uthe akananxa nalabo abamjikela ngomzuzu wokugcina, wakuchitha ukuthi bamdayisa.
“Ayikho into okuthiwa ukudayisana kwi-ANC. Uma kunezingqungquthela zokukhetha ubuholi be-ANC, amandla aba sezithunyweni eziqhamuka emagatsheni. Kule ngqungquthela intando yezithunywa eziqhamuka emagatsheni, yenzeka. Labo ababekhanda amatulo abazange baphumelele kepha kwaphumelela intando yezithunywa eziqhamuka emagatsheni.”
URamaphosa uthe njengoba sebukhethiwe ubuholi be-ANC, onke amalungu enhlangano kufanele aseke ubuholi obukhethiwe.
I-ANC izokuba nemicimbi wokugubha iminyaka engu111 yasungulwa eFree State, ngeSonto.
Kulo mcimbi uRamaphosa uzokwethula inkulumo eyaziwa ngeJanuwari 8.