UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, usole ijaji ngokugeja umgodi ngesikhathi efaka isicelo sokuba anikezwe igunya lokuphonsela inselelo isinqumo senkantolo esichitha ukuvuma kwakhe ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
URamaphosa noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuleli, uNksz Thembi Nkadimeng, bafake amaphepha asenkantolo ngoMsombuluko, lapho befuna khona ukunikezwa igunya lokudlulisela phambili isinqumo seJaji Norman Davis.
UDavis wayelalele icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi elalifakwe uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, nelalifakwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ababekhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo uMisuzulu.
Nembala uDavis wanquma ukuthi kwakungekho emthethweni ukuvuma kukaRamaphosa ukuqokwa kweSilo, wabe eseyalela ukuba uRamaphosa aqale uphenyo.
Emaphepheni asenkantolo, uRamaphosa uthe uDavis waphambuka ngesikhathi echitha isinqumo sakhe sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
URamaphosa uthe sasingekho isidingo sokuba aqale uphenyo ngodaba oluthinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu ngoba iNkantolo eNkulu eMgungundlovu yayivele isinqumile ukuthi kwalandelwa imithetho ngesikhathi kuqokwa iSilo uMisuzulu.
URamaphosa wavuma ukuqokwa kweSilo emva kokuthi iNkantolo eNkulu eMgungundlovu inqume ukuthi iSilo uMisuzulu yisona esifanelwe isihlalo sobukhosi bukaZulu.
Yize uDavis achitha ukuvuma kukaRamaphosa ukuqokwa kweSilo, kepha wathi akakwazi ukushintsha isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
“Inkantolo yenza iphutha ngokuthi ingiyalele ukuba ngiqale uphenyo ekubeni yazisholo yona ukuthi ayikwazi ukushintsha isinqumo seJaji Mjabuliseni Isaac Madondo, esathola ukuthi kwalandelwa yonke imithetho ngesikhathi kuqokwa iSilo.”
URamaphosa uthe unethemba lokuthi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala izofike isichithe isinqumo sikaDavis.
“Kwazi ngisho ingane encane ukuthi lolu udaba olubalulekile. Lolu daba aluthinti nje kuphela izinhlangothi ezibangayo kodwa luthinta uZulu wonkana. Ingakho ngikubona kubalulekile ukuba nginikezwe igunya lokuba ngiludlulisele phambili lolu daba.”
Akukacaci ukuthi iSilo sizowafaka yini amaphepha okuphikisana nesinqumo sikaDavis.
ISilo sisanda kubuyisa abameli abadala ababesimele ngesikhathi sinqoba amacala ayequlwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.