KUXWAYISWE umphakathi ongeneme ngokucotha kwentuthuko KwaZulu-Natal, ukuthi ungalinge udubele ezivivinyweni zika-matric eziqala ngesonto elizayo.
Umphakathi unxenxwe ukuthi ungaphazamisi izivivinyo ngoba ziyikusasa lezingane zawo.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguMnyango weMfundo esifundazweni kanjalo noNdunankulu wesifundazwe.
UMphathiswa wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, uthe akukho ukuphazamiseka okuzobakhona okuzonqinda ukubhalwa kwezivivinyo.
Uthe kukhona okusina kubajeqeza abazophazamisa izivivinyo njengoba abomthetho bezobe beqaphe ngelokhozi.
UHlomuka obekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini izolo noMnuz Thami Ntuli onguNdunankulu, uthe konke sekumi ngomumo ngalezi zivivinyo.
“Asikho isikole esizophazamiseka ngenxa yokuthi amanzi nogesi akukho. Ezemfundo akuzona ezikahulumeni kodwa ezomphakathi ngakho siyawunxusa ukuthi ungaphazamisi.”
Uthe baxoxe nomasipala ngoba bawuhulumeni owodwa ngokuvalwa kwezidingo ezifana namanzi nogesi ezikoleni ngalesi sikhathi.
UNtuli uhlabe ikhwelo elifanayo lokuthi umphakathi awungaziphazamisi lezi zivivinyo.
“Noma kuthiwa kukhona ukungenami ngezinto ezithile kodwa akumele kuphazanyiswe izivivinyo zika-matric. Sizokanisa ezindaweni ezehlukene sibheke ukubhalwa kwalezi zivivinyo,” kusho uNtuli.
Uthe akuzona kuphela lezi zivivinyo ezibalulekile kodwa nalezo ezisethwa ezikoleni eziqalile ukubhalwa nazo zibalulekile ngakho akumele ziphazanyiswe.
Uzwakalise ukwethemba isikhungo okugaywa kuso amaphepha ka-matric ukuthi sisezingeni, wathi akukho phepha elingaputshuka.
Uveze ukuthi cishe ukube wayengekho kulesi sikhundla wayengeke azi lapho kugaywa khona amaphepha ka-matric.
“Njengoba ningazi nje lapho kugaywa khona imali, kanjalo nalapho kugaywa khona amaphepha angicabangi ukuthi ngangizokwazi ukube angiyena undunankulu. Sethemba ukuthi sizoba nezivivinyo ezingenagcobho.”
Ubalule nokuthi zizoqashwa ngelokhozi izikhungo okwakotshelwa kuzona nyakenye.
“Sinye isikhungo esifuze lesi eMajuba, ePinetown zingu-11, eHarry Gwala zine, eMkhanyakude ziyisithupha, oThukela ziyisithupha, eMzinyathi zingu-19, eMlazi zingu-19. EZululand zingu-8, eKing Cetshwayo nakhona zingu-8, oGwini ziyisikhombisa, kwiLembe ziyisikhombisa kuthi eMgungundlovu zingu-18.”
UHlomuka uthembise ukuthi bazokhokhela abamakela u-matric.
“Sinenkontileka nabasebenzi ngakho bazohola. Sihlale sibakhokhela abasebenzi esinenkontileka nabo.”
UNtuli uveze ukuthi namhlanje kuzoba nomcimbi wokusayinwa kwesibophezelo sokuthi ngeke bakopele abafundi abenza u-matric.
Umnyango uhlela ukuphucula imiphumela ka-matric nyakenye isuka ku-86% iya ku-100%. Kodwa uma kwenzeka ingawutholi lo-100% ihlele ukuthola u-90%.
UNgqongqoshe kazwelonke weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, uzodedela imiphumela ngoJanuwari 15, 2025.
Esifundazweni izodedelwa ngoJanuwari 16, 2025.