KUMISWE okwesikhashana ukuqulwa kwecala ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu eThekwini, ngesikhathi kuquleka isihlobo sikammangalelwa.
Uphuthunyiswe esibhedlela uNkk Bikaphi Ndlovu (48), udadewabo kammangalelwa uMnuz Sifiso Professor Ndlovu (50), olahlwe yicala lokubulala umkakhe uNkk Khulukazi Ndlovu okuthiwa walenza ngo-2021.
Kuthiwa ummangalelwa uNdlovu wamthumba wambulala ngokumshisa umkakhe, emsola ngokujola emsebenzini.
Icala liqale ngokuthi iJaji Nahoni Moodley, limnikeze ithuba uNkk Ndlovu ukuba asho akwaziyo ngomnewabo obesolwa ngokubulala umkakhe.
UNkk Ndlovu uchaze umfowabo njengemvu yenkosi engeke yabulala ngisho impukane. Wathi bonke ekhaya bondliwa ngummangalelwa futhi nguyena kuphela umfana esiswini sikanina.
"Ubesinakekela sonke singodadewabo. Ubephinde ondle izingane zakhe ezinhlanu," usho kanje uNkk Ndlovu.
Uqhube wathi badidekile futhi badukuza ebumnyameni abazi ukuthi kungani esejele ummangalelwa.
Ephendula uMshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi, ubeke kanje: "Ngoba uthi kawazi ukuthi kungani umfowenu elapha.... wathumba wabulala umkakhe wamshisa waba wumlotha. Awukwazi lokho wena?"
Ngemuva kwalokho uvele wahayiza kakhulu uNkk Ndlovu, maqede wawa phansi wakweqa amehlo, kwala noma esephuziswa amanzi. Kwethuke ngisho utolika obese duze kwakhe. “Mama ukahle? Kwenzakalani mama,’’umbuze kanje ngaphambi kokuba aqumbeke phansi.
Inkantolo ibe seyiguqa isikhashana. Kuthe sekubuyelwa enkantolo ijaji labuza ukuthi sinjani isimo sikaNkk Ndlovu, ummeli wakhe uK Jairom waveza ukuthi ugcine ephuthunyiswe esibhedlela.
Enikwa ithuba lokukhuluma uyise kamufi uMfundisi Warren Mbhada, ukhale ngonya olwakhonjiswa ngummangalelwa endodakazini yakhe.
“Uhlobo luni lomuntu olubulala umkalo ngesihluku esingaka?” kubuza uMfundisi.
Uqhube wathi bathemba ukuthi isigwebo sizobanikeza ukuthula emndenini.
IJaji libe ligixabeza uNdlovu ngesigwebo sikadilikajele kwelokubulala umkakhe. Kwelokumthumba limnike iminyaka ewu-10. Kwelokulimaza kabi imoto kamufi ugixabezwe iminyaka eyisikhombisa.
IJaji likhale ngokuthi ummangalelwa ukhombise ukungazisoli lokhu. Liveze ukuthi kumele basuswe emphakathini abantu abanonya ababulala abantu besifazane ngesihluku.
Lidlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi. “Phephisani, sengathi ningathola ukuthula. Ngiyazi ukuthi lokhu okwenzekayo akulula,’’ kusho iJaji uMoodley.
Ngemuva kwesigwebo ummangalelwa ubonakale ephuza amanzi, asala ejabhile amalungu omndeni wakhe abephume ngobuningi ezomeseka.
Esehla phansi uNdlovu uzwakale ekhuluma namalungu omndeni ethi: “Hhayi khululekani wubala lolu, sizosiphosela inselelo isigwebo.’’