INHLANGANO iNational Freedom Party (NFP) yehlukene phakathi ngengqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu, okuvele ukuthi izoba ngesonto elizayo.
Ngokombhalo wangaphakathi oputshukele kwabezindaba oshicilelwe ngoLwesihlanu yikomiti okuthiwa libhekele ezokhetho ngaphakathi eqenjini, osayinwe nguSihlalo noNobhala walo uMnuz Tswelelo Mkhombo noMnuz Bongani Nkosi, Isolezwe elinawo, uNksz Zandile Prudence Myeni oyiPhini leMeya kuMasipala weTheku, noMnuz Irvin Rowen Barnes bangenele esokuba umengameli weqembu.
Lesi sikhundla sishiywe wumsunguli weqembu, uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi ongasekho. UKaMagwaza Msibi ubeyingxenye yobuholi beqembu kuzwelonke obuqokwe ngo-2019, bahlakazwa ngo-2021 emva komdonsiswano osezinkantolo, uhlangothi olungahambisani nabo lufaka amaphepha enkantolo, lukhala ngendlela okukhethwe ngayo.
Isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, esigcine sivuna ababefake isikhalo okukhona uMnuz Jeremiah Mavundla kwesephini likamengameli, uMnuz Canaan Mdletshe kwesikanobhala-jikelele noMnuz Bheki Dlamini kwesikasihlalo weqembu, bahlakazwa.
Lobu buholi bufake amaphepha enkantolo, bufuna kuvunyelwe ukubuyekezwa kwesinqumo sokuhlakazwa kwabo, okuthe ngenyanga edlule iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu yagunyaza ukubuyekezwa kwalesi sinqumo.
Lokhu kuchazwe njengokuthi ubuholi obukhethwe ngo-2019 busamile, kuze kube kuphuma isinqumo sokubuyekezwa kokuchithwa kwabo.
Njengoba lo mbhalo wangaphakathi unohlu lwamagama okuthiwa aphakanyiselwe izikhundla zobuholi bukazwelonke engqungqutheleni yezinsuku ezimbili, phakathi kukaDisemba 15 no-16 e-Olive Convention Centre eThekwini, uMdlethe uthe abanalo ulwazi ngawo njengoba ungekho emthethweni.
“Sivumelene ukuthi akukho ngqungquthela ezoba khona kuze kube kudlula ukhetho ngonyaka ozayo. Ukuhlala kwezingqungquthela sekusondele ukhetho, kungadala uqhekeko, iqembu lingenzi kahle okhethweni ngenxa yokuthi abanye abebelindele ukuqokwa uma bengaphumelelanga bangagcina sebedikibalisa namalungu eqembu abesekayo, kusilimaze okhethweni,” usho kanje.
Leli qembu libhekane nezinxushunxushu ngesikhathi umsunguli walo uKaMagwaza-Msibi ehlaselwa wukugula ngo-2014, njengoba lehluleka ukungenela ukhetho ngo-2016, okuthe ngo-2021 labuya njengoba liyingxenye yamaqembu aphethe ngokubambisa kwabanye omasipala, okukhona kubo owaseDumbe nowaKwaNongoma
Nakuba kunjalo, kulo mbiko mayelana nengqungquthela, igama likaNksz Myeni liphinde livele kwabalobizela esephini likamengameli nesikanobhala jikelele eqenjini.
UMnuz Msawenkosi Sibusiso Mkhabela noMnuz Milton Ndida Sokhela bavela kwesephini likamengameli. UMkhabela igama lakhe liphinde livele embangweni wesikasihlalo lapho ebangisana khona noMnuz Melusi Gumede, yena ongenele nesephini likasihlalo, ebhekene noMnuz Khethi Mthethwa. UGumede uphinde avele kwesikanobhala-jikelele weqembu nesephini lakhe.
Amanye amagama abangenele umbango wezikhundla eziphezulu abavela kulolu hlu, kwesikanobhala-jilkelele uMnuz Nhlanhla Thwala noMnuz Xolani Sibiya, bese kuthi kwesephini likanobhala-jilkelele uNksz Sithembile Felicia Msomi, uNksz Duduzile Joyce Nhlengethwa, uMnuz Khulekani Hlatshwayo noMnuz Siphamandla Ntombela.
“Abangenele ukhetho nababesekayo sebevumelekile ukuthi bakhankase ngendlela ehloniphekile. Lokhu kungenziwa ngendlela ephikisa inqubo ye-NFP. Kuyothathelwa izinyathelo noma wubani oyohluleka ukulandela imigomo yokuziphatha noyohluleka ukuqinisekisa ukuziphatha ngendlela ehloniphekile kwalabo abamesekayo,” kubhalwe kanje.