UQHATHA usizi futhi ukhala ngokulaxazwa yi-ANC unina wowayikhansela futhi engusihlalo wegatsha likaKhongolose owashona ngokudutshulwa eCliffdale, eThekwini ngo-2022.
UNksz Gugulethu Ndlovu, ongunina kaMnuz Minenhle Mkhize, owayeyikhansela e-ward 103 eThekwini, uthe benza izithembiso abe-ANC emuva kokushona kwendodana yakhe okuyona kuphela ingane abenayo, okuze kube manje abakazifezi.
Ezinye zezithembiso athe bazenza, wukufaka uphahla lwendlu uMkhize ashona eyakha.
“Imile manje indlu. Kayinalo uphahla futhi angazi ukuthi ngizoqhubeka kanjani. Bathembisa abe-ANC ukuthi bazoza bazoyiqedela kodwa kuze kube yimanje abasho lutho. Bathule,” kusho uNksz Ndlovu ehlengezela izinyembezi.
Uqhube wathi nabebekade besondelene noMkhize kwezepolitiki, abanye babo abasamkhulumisi futhi akasazi isizathu.
UNksz Ndlovu uthe nguye osehlalelwe wumsebenzi wokukhulisa izingane eziyisithupha zikaMkhize, encane yazo ayishiya emhlabeni inezinyanga ezingu-10.
Uthe uMkhize wayezithanda kakhulu futhi ezitotosa izingane zakhe, kangangoba uma eziyalela ukuthi kazonge, umufi athi azikhululeke zidle ngoba yena uzokuthenga ukudla.
“Bengazi njalo ukuthi ngomhla ka-26 enyangeni ifriji lakwami lizogcwala lithi qhu ukudla. Wayethi ngemali yami angithenge okuthandwa yimina, yena athenge igilosa kodwa konke lokhu sekushintshile.
Izikhala ezikhona ngoMinenhle angazi ukuthi ziyogcwaliswa wubani,” kubalisa uNksz Ndlovu.
Uqhatha usizi nje uNksz Ndlovu, indoda ethweswe icala lokubulala uMkhize igqigqa inkantolo.
Kulindeleke ukuthi iNkantolo eNkulu yaseThekwini ikhiphe isinqumo ngecala likammangalelwa, uMnuz Mxolisi Gcabashe, osezitokisini.
Okhulumela i-ANC eThekwini, uMnuz Mlondi Mkhize uthe ngeke aphike ukuthi zikhona izithembiso ezenziwa wubuholi bale nhlangano, obabubambe izintambo ngaleso sikhathi.
Uqhube wathi nakuba engezokuzazi lezi zethembiso ngoba kule nhlangano ubuholi buyaba khona bubuye buphume.
“Ngesikhathi kwenzeka isigameko kuze kufihlwa ikhansela uMkhize kwakuyisikhathi samaRTT leso eThekwini. Ubuholi obukhona manje buzoyilandelela into enjengaleyo ukuze siyizwe ukuthi yayikade itheni, imi kanjani, bese siyabona ukuthi kulokhu okwakukhulumekile yikuphi okungenzeka,” kuchaza uMkhize.
Uthe beyi-ANC bafuna ummangalelwa athole isigwebo esimfanele, okungudilikajele ongenawo ushwele