KUPHUME phambili usomabhizinisi waKwaZulu-Natal oxhasweni losomabhizinisi olubizwa nge-Empowering Her obuhlelwe yiHollywoodbets neLighthouse Foundation yomlingisi uNomzamo Mbatha.
UNkk Phumzile Ntuli waseziNdophi Reserve, eShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, webhizinisi lefenisha iQalekhaya Co-operative, nguye odle umhlanganiso kulo mncintiswano, okumenyezelwe onqobile kuwona ngoMgqibelo ntambama.
Exoxa neSolezwe emva kokunqoba kwakhe ngoLwesibili, uNksz Ntuli uthe ujabule kakhulu ukuhlabana emncintiswaneni, ikakhulu ngoba ibhizinisi lakhe aliqale ngo-2005, like laba nezinkinga eminyakeni edlule.
“Bekunzima kakhulu kubhoke iCovid-19 ngenxa yokuthi izikole engivame ukuzidayisela ifenisha bezingasayithengi kakhulu, kwaphinde kwaba lukhuni ngokuphindiwe ngesikhathi sezibhelu zangoJulayi. Ngalahlekelwa yimali engaphezu kuka-R100 000 wezimpahla ezacekeleka phansi.
“Kwakubuhlungu kakhulu kimi ngibona ibhizinisi (lifa) phambi kwami. Yilapho engahlangana khona nebhodi engibambisene nalo elinamalungu ayisihlanu, saqala elinye ibhizinisi lokutshala nokufundisa abantu ukutshala. Lona lagcina imisebenzi yabantu abawu-20,” kuchaza uNkk Ntuli.
Eqhuba, uthe ngesikhathi sobunzima wayegqugquzelwa wumyeni wakhe onguthishanhloko esikoleni esisendaweni futhi emlekelela ngokushayela imoto yokuthutha impahla yebhizinisi. Ngokubambisana bakwazi ukukhulisa izingane zabo ezine, enye yazo esanda kuqeda enyuvesi.
“Okunye okwangigqugquzela wukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphandle kwaKhe bengingeke ngikwazi ukuphuma esimweni sokhwantalala engangikuso, sengidla amaphilisi aso. Ngisizwe wumthandazo,” kusho uNkk Ntuli.
Uthe isamba sikaR200 000 sizomsiza ukulungisa izimoto zokuthutha impahla yebhizinisi, athenge nempahla yokwakha ifenisha.
Ephetha, ukhuthaze abesifazane ukuthi bazi ukuthi bangobani futhi bakholelwe ezintweni ezinhle abazenzayo ukuze baphumelele.