SIZOLALELWA namhlanje isicelo esiphuthumayo sikaSomlomo wePhalamende osahlabe ikhefu uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, sokuvimba ukuboshwa kwakhe.
Lesi sicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu eTshwane, njengoba efuna ukuthi uphiko lwezokuShushisa lungambophi ngezinsolo zenkohlakalo.
Okhulumela uphiko, u-Advocate Mthunzi Mhaga, ukuqinisekisile ukuthi isicelo sizolalelwa namhlanje wathi bazosiphikisa.
Uthe bakholwa wukuthi asinasisekelo futhi ngeke siphumelele.
Usho lokhu nje umengameli wezwe ne-ANC uCyril Ramaphosa, uthe bazoyeka umthetho usebenze kulolu daba.
URamaphosa obekhuluma ngempelasonto ngesikhathi ehambele eGqeberha, uthe akunikwe ithuba abezomthetho benze umsebenzi wabo.
“USomlomo uhlabe ikhefu futhi ushilo ukuthi uyahambisana nophenyo. Kuyaziwa ukuthi uma kufike ezingeni elithile, imigomo yenhlangano izobe isilandelwa.”
Usho lokhu nje, uNobhala we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe le nhlangano ngeke ivikele muntu othinteka emacaleni afuze lawa.
“Uma ethinteka, uzobhekana nomthetho. Imigomo ye-ANC icacile ukuthi uyashenxa ezintweni ozenzayo. USomlomo uxhumane nami ngalolu daba. Abaholi be-ANC bazohlangana ngoMsombuluko (namhlanje) babhunge ngalo.”
USomlomo usolwa ngokuthola intshontsho likaR2.3 million komunye wosomabhizinisi owayenza umsebenzi eMnyangweni wezokuVikela, ngesikhathi esanguNgqongqoshe kulo mnyango.
Kwenzeka lokhu nje iPhini likaSomlomo, uMnuz Lechesa Tsenoli, yilona eseliyibamba likaSomlomo njengoba kusaqhubeka uphenyo.
Isitatimende esikhishwe yiPhalamende siveze ukuthi imigomo icacile ukuthi kumele kubambe ibamba uma uSomlomo ehlabe ikhefu.
“UTsenoli uzokwengamela yonke imisebenzi kaSomlomo njengoba ehlabe ikhefu eliyisipesheli. Imisebenzi yePhalamende iyaqhubeka ayimile, njengoba kulindeleke ukuthi iPhini likamengameli uMnuz Paul Mashatile, liphendule imibuzo ePhalamende kuleli sonto,” kusho isitatimende.
Abanye abaholi bamaqembu sebefune ukwazi ukuthi ngabe kuvumelekile yini ukuthi athathe ikhefu eliyisipesheli.
Isitatimende sikucacisile lokhu ngokuthi kuba nesiphakamiso esifakwa ePhalamende sokuthatha ikhefu uma kungukuthi uSomlomo uphuthwa ukuhlala kwePhalamende amahlandla angu-15 kulandelana.
“IPhalamende lihlalelwe ukuthi lihlale izikhawu ezintathu njengoba lizoguqa ngenxa yokuthi kuzoba nokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29. Ngakho ngeke sibekhona isidingo sokuthi kube nalesi siphakamiso.”