UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, uyaphika ukuthi umnyango uwile kodwa uyavuma ukuthi ubhekene nezinkinga zokushoda kwabasebenzi nodokotela abelapha izifo ezimqoka.
UMotsoaledi ubekhuluma izolo eGoli esithangamini nabezindaba. Uthe kuyiqiniso ukuthi izifundazwe iKwaZulu-Natal neGauteng zinezinkinga zokushoda kodokotela abelapha umdlavuza.
Uthe phambilini umnyango uke wazama ukuqasha odokotela base-India kodwa wakuhoxisa lokhu ngenxa yokuthi bebefuna ukuholelwa imali eningi kakhulu ekubeni benamakhono alingana nawodokotela abakhona njengamanje.
“Ukubaqasha baholelwe imali enkulu abebeyifuna bekuzoba ukungabenzi ubulungiswa kodokotela bethu abasebenza kulo mkhakha njengamanje,” kusho yena.
Uveze ukuthi ngo-Agasti umnyango uzokwethula ngokusemthethweni uhlelo olusha oluzolungisa lesi simo.
Okwamanje uthe ezinye iziguli ezinomdlavuza zelashwa ezikhungweni ezizimele umnyango uzikhokhele.
UMotsoaledi uthe uyazi ukuthi i-EFF noDkt Mzukisi Grootboom weSouth African Medical Association bathe lo mnyango usuwile kodwa akazi ukuthi bafinyelele kanjani kuleso sinqumo.
“Zikhona izinkinga kulo mnyango kodwa usakwazi ukunikeza zonke iziguli zakuleli ezidla imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi, imithi yazo. Kuleli isifo sofuba siselashwa ezibhedlela zikahulumeni kuphela futhi umnyango usakwazi ukwelapha uphinde uhlonze iziguli ezinalesi sifo,” kusho uMotsoaledi.
Uqhube wathi uyazi ukuthi izikhungo zezempilo zigcwele kakhulu kodwa zikhona izinhlelo ezenziwa wumnyango zokuzama ukwehlisa ukugcwala.
Uthe iziguli ezingu-2.2 million ezinezifo ezilawulwa ngemithi (chronic), azisayi ezikhungweni zezempilo njalo ngenyanga, imithi yazo ziyilanda ezikhungweni zomphakathi eziseduze nazo.
Kunemibiko ethi imithi ayikho.
“Angazi ukuthi lokho kuvela kuphi ngoba uhlelo lokubheka ukuthi imithi noma imishanguzo ingakanani olusebenza ngobuchwepheshe luveza ukuthi izifundazwe ezinemithi emincane kuzo zonke zinemithi engaphezulu kuka-70%, lezo zifundazwe iLimpopo neNorth West. Lolu hlelo lobuchwepheshe esilusebenzisayo luveza ilambu elibomvu uma kunesifundazwe esingenayo imithi, njengamanje asikho isifundazwe esinelambu elibomvu,” kusho
uMotsoaledi.
Kule nyanga uthe kuzokwethulwa ngokusemthethweni uhlelo lokufaka iziguli ezingu-2.2 million ezinengculazi ohlwini lwabazothola imishanguzo.