KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni, iMvalo Secondary, esiseMakhalathini, Olundi, njengoba abafundi bekhala ngothishomkhulu ochela isikole ngoba ethi ususa umoya omubi.
Isolezwe lithole ukuthi izolo abafundi banqabile ukungena esikoleni njengoba beveze ukuthi uthishomkhulu ubuye abaphuzise ichibi (okungamanzi okuthiwa uthishomkhulu uwathatha esontweni akhonza kulo).
Kuthiwa bekunezigameko zokuhayiza kwabafundi okuyizona uthishomkhulu athi zenza ukuthi achele isikole.
Enkulumeni eqoshiwe, uthishomkhulu ucela othisha ukuthi bamxolele ngokuchela isikole ngamanzi anoshibhoshi, umlotha nespirit athi kuxosha umoya omubi.
Uthi kufanele bamamukele enjena ozakwabo futhi bamyeke aqhubeke nokuchela isikole ukuze singavalwa, alwe nemimoya emibi njengomuntu okhonza KwaMasango.
Abafundi bakhale ngokuphathwa ngamakhanda, bathi ngeke bakwazi ukuya esikoleni. Abanye abakhulume neSolezwe, kodwa bacela ukuthi kugodlwe amagama abo, bakhale ngokuthi uthishomkhulu wenza isikole umuzi wakhe. Bacele uMnyango wezeMfundo ukuthi ungenelele ngoba abakaze bezwe ukuthi umphathi wesikole unelungelo lokufaka inkolo yakhe kuso.
Isolezwe lithinte usihlalo wesigungu sabazali esingamele isikole, othe ubizwa ngoNjoko, wathi abapotshozele Isolezwe lolu daba banehaba.
Ebuzwa ukuthi benzani ukulungisa indaba kathishomkhulu ochela isikole, akakuphendulanga lokho, wathi ukufunda kuyaqhubeka esikoleni.
“Abantu banehaba. Kuyafundwa esikoleni. Yihaba leli abakubikele lona. Kwake kwathiwa kunenyoka esikoleni. Abantu bayohlale benehaba,” kusho uNjoko.
Ucele ukuthi intatheli imshayele emuva kwemizuzu emihlanu ngoba uhamba endaweni embi kodwa isibuyela kuyena akazange aphendule.
Encwadini okuthiwa ibhalwe nguthishomkhulu ngeledlule, uyaxolisa ngokuchela engabazisanga abanye ozakwabo. Uyachaza ukuthi uqale ukuchela ngoJulayi 15 waphinda ngoJulayi 19 kanti uthi lokhu ubekwenza ngoba enqanda ukukhala kwezingane esikoleni. Uyachaza nokuthi ubesebenzisa amanzi afakwe ushibhoshi, umlotha nespirit.
UMnuz Muzi Mahlambi, obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bathumele abaphathi besekethe yakuleya ndawo ukuthi bayophenya ngokwenzeka eMvalo Secondary ukuze bathole umnyombo wakho konke okwenzekayo.
Uthe kuyishwa ukuthi izikole zithintwa yizinto ezenzeka emphakathini wonkana kodwa bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa akuphazamiseki.
Ikhansela le ndawo uMnuz Fikanoyise Ndawonde lithe kuzoba nomhlangano ngoLwesine njengoba isikole sisohlwini lwezikole ezingase zivalwe wuMnyango wezeMfundo ngenxa yokungabi nesibalo esiphezulu sabafundi.
Uthe kuzobhekwa nokunye mayelana nalesi sikole.