INHLANGANO elawula ukusebenza kwemigwaqo, i-Road Traffic Management Corporation (RTMC), isiqalile ukuphenya ngengozi edlule nemiphefumulo yabayishumi kuN1 eMakhado, eLimpopo, ngoLwesibili ebusuku.
Le ngozi yenzeke ngo-23h50 ebusuku lapho umshayeli webhasi, okuthiwa ubeshesha, ehlulekile ukwehlisa isivinini kundingiliza laginqika ibhasi lalala ngohlangothi.
Kuthiwa leli bhasi belisuka eZimbabwe lilayishe abantu bokufika bodwa libheke eGoli kanti kunezinsolo zokuthi umshayeli ubemusha emsebenzini nendlela engayazi kahle.
AbeRTMC badlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile, baveza ukuthi kuyaphenywa ngembangela yale ngozi enyantisa igazi.