USEKHWELE wadilika kwabagxeka uhlelo lwezikhungo zemfundo ephakeme lokuvumela abantu abanesipiliyoni kanjalo neminyaka eminingi besebenza emkhakheni othile, ukuthi bavunyelwe ukwenza iziqu ezifana neHonours nezinye ekubeni bengenazo iziqu zalowo mkhakha.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nezokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, uthe lolu hlelo olwaziwa nge-Recognition of Prior Learning (RPL), ludala futhi luvele luyenziwa ezikhungweni ezehlukene zemfundo ephakeme.
“Yingakho kumanje sakha u-matric wabantu abadala ngoba umuntu ona-45 ofuna ukuba no-matric, akakwazi ukubhala u-matric ofana nalowo obhalwa ngumuntu ona-18.
“Uma unesipiliyoni, ubusebenza ezinyunyaneni noma ePhalamende, uma sekuhlolwa ukuthi ungakwazi ukwenza iziqu ezithile, uyakwazi ukuhlomuliswa ngamaphuzu, ukuze uzenze lezo ziqu noma ezokuqala ungenazo,” kusho uNzimande.
Ukusho lokhu muva nje, echazela amalungu ePhalamende ngalolu hlelo kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi iNyuvesi iFort Hare, yavumela abaholi abathile kanjalo noNdunankulu wase-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane, ukuthi benze iziqu zeMasters ekubeni bengenazo iziqu zeHonours okuyizona ezicaba indlela.
UMabuyane uvunwe yinkantolo yaseBhisho kuleli sonto, ngesivimbelo sokuthi i-Special Investigating Unit (SIU), ingaqhubeki nophenyo ngalezi ziqu.
Wanikela enkantolo emva kokuthi iSIU iqale uphenyo ngalezi ziqu emva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, esayine umthetho ogunyaza lolu phenyo.
Uphenyo lweSIU selumdalele ingcindezi uMabuyane njengoba sekunamaqembu abesephakamisa ukuthi ashenxe esikhundleni.
UNzimande uthe bayalwamukela uphenyo olwenzeka kule nyuvesi ngodaba lweziqu.
“Uma kungukuthi isiShayamthetho sase-Eastern Cape sanquma ukuthi sibe nohlelo lokuthi sisebenzise i-RPL ngalabo abebefunda, asinankinga nalokhu futhi akukho okubi ngalo.
“Ngiphatheka kabi uma sekunemvunge nakwabezindaba bethi abaqondi kungani kuvunyelwe abantu benze iziqu ezifana neHonours neMasters ekubeni bengenazo iziqu zokuqala. Lokhu kukhombisa ukungabi nalwazi ngezinto ezenzekayo,” kusho uNzimande.
Uthe nguhlelo olwenzeka nakwamanye amazwe kanti kuleli lwaluhlomulisa abamhlophe kuphela.
“Yingakho uJoe Slovo, akwazi ukubuya emasosheni enoGrade 9, wayokwenza iziqu zomthetho eNyuvesi iWits. Wenza kahle kakhulu kulezi ziqu. Angifuni abantu bacabange ukuthi kunenkohlakalo ohlelweni iRPL. Uma kukhona inkohlakalo eyenzeka eFort Hare, sifuna kuphenywe kutholakale umnyombo.”