UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, ezoBuchwepheshe nokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande usesifanise nobuqaba isenzo sokubulawa kukanogada wePhini likaShansela eNyuvesi yaseFort Hare.
UMnuz Mboneli Vesele (52) obengunogada kaSolwazi Sakhele Buhlungu udutshulwe wafa ngabantu abangaziwa ngoLwesihlanu eqeda kupaka imoto ngaphandle komuzi kaBuhlungu.
Kuthiwa kuqhamuke imoto ebihamba abantu abangaziwa, yafike yavulela ngenhlamvu ngaphambi kokuba ibaleke. Umufi ushonele endaweni yesigameko.UNzimande uthe bayasigxeka lesi senzo abasibona siwubuqaba.
“Ngesikhathi sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaVesele, abangani neNyuvesi yaseFort Hare, sifuna ukuveza ukuthi asihambisani nalesi sigameko sokubulawa kwakhe nemizamo yokusoconga uBuhlungu,” kusho uNzimande.
Uthe yize uphenyo ngesigameko lusesemazingeni aphansi kodwa bayakholelwa ekutheni ababulali bebehlose ukubulala uBuhlungu obengekho emotweni ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Lolu hlobo lokuhlasela aluqondisiwe eNyuvesi yaseFort Hare kuphela kodwa luqondiswe emkhakheni wezeMfundo ePhakeme, ” kusho uNzimande.
Unxuse ukuthi kuvunguze umoya wokuthula ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngesigameko.
Uthe uxoxa noNgqongqoshe wamaPhoyisa (uMnuz Bheki Cele) ukuthi kuphuthunyiswe uphenyo bese kuboshwa abenzi bobubi.
Uphinde wenza isicelo sokuthi bonke abangamaphini oshansela nothishanhloko bamakolishi baxoxe nomnyango wakhe ngezindaba zezokuphepha ukuze ezokwedlulisela izikhalo zabo kwiKhabhinethi.
Uthe ukhuluma ngezokuphepha ngoba zikhombisa ukuthi zingaba nomthethela omubi ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi ziqhubeke nokwenza umsebenzi wazo ngendlela efanele.
Uveze ukuthi usejube ithimba, iHigher Health esebenza ngaphansi komnyango wakhe ukuthi ithumele ithimba lodokotela abeluleka ngengqondo ukuthi bayonikezela lolu sizo emndenini kamufi, nazo zonke izisebenzi zenyuvesi ikakhulukazi lezo ebezisebenza eduze nomufi.
Uphethe ngokuthi usexhumene nenyuvesi ukuthola ukuthi yini enye engenziwa ukubhekana nalesi simo.