UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme iSayensi nobuChwepheshe, uDkt Blade Nzimande, ukugxekile ukubulawa kwesitshudeni saseTshwane University of Technology, esigamekweni esenzeke ngesonto eledlule.
Isidumbu sikaNtokozo Xaba (21), obenza unyaka wesithathu kwiNational Diploma in Integrated Communication kule nyuvesi, kuthiwa sitholwe sinamanxeba amaningi okugwazwa lapho kuhlala khona izitshudeni, Ekhaya Junction, ePitoli ngoLwesine.
Amaphoyisa ashaqe owayeyisoka lakhe ayomhlohla imibuzo, okuthiwa wagcina ukubonakala ephuza noNtokozo nabangani bakhe.
UNzimande uthe udlame olubhekiswe kubantu besifazane seluwubhubhane, kangangoba oyedwa kwabathathu uphila ngaphansi kwalesi simo.
"Lesi simo asihlalisile lubhojozi abagilwa balolu dlame nemindeni yabo nje kuphela kodwa siphinde siphazamise umphakathi nomnotho okuba nemiphumela engemihle emkhakheni wemfundo ephakeme.
“Njengengxenye yokubhekana nalesi sihlava ezikhungweni zethu, ngizokwethula uhlelo olubizwa ngeTransforming MENtalities Initiative oluzonxenxa abesilisa kulo mkhakha ukuthi babe sekhaleni ekugqugquzeleni ukuthi kungabi nokucwasa ngokobulili nezinkoleloze," kusho uNzimande.
Unxuse zonke izikhungo zemfundo ephakeme ukuthi zisebenzisane nabezempilo ukugqugquzela izinhlelo ezibhekene nezinselelo zodlame lobulili namacala athinta ucansi, wathi lokhu kubandakanya nokunikeza ngezindawo eziphephile zokusebenza, ukufundela nezokuhlala izitshudeni nabasebenzi ezikhungweni.
Unxuse abophiko olubhekele ezempilo eTshwane University of Technology ukuthi basenzisane ukuqinisekisa ukwelulekwa komndeni kamufi ngokwengqondo.
Uthe ku-38% wamacala okubulala athinta abesifazane bebulawa abalingani babo emhlabeni jikelele, u- 35% wabo usuke uqale wahlukunyezwa ngabe ngokwenyama noma ngokocansi.