UMENGAMELI we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthi wuyena oliphakamise langaphikiswa igama likaSihlalo wesifundazwe, uMnuz Thamsanqa Ntuli kwesombango wesikhundla sikandunankulu.
UHlabisa ukhulume nabezindaba ehhovisi le-IFP, eThekwini ngesikhathi bethula uNtuli ukuthi uzongenela umbango wesikhundla sikandunankulu wesifundazwe.
Kumatasa ezweni kulungiselwa ukhetho lukazwelonke, olukhonjwa maphakathi nonyaka. UHlabisa uthe uyazi ukuthi abezindaba nabantu nje kade bemagange belinde isimemezelo.
I-IFP izoya okhethweni okokuqala ngaphandle komsunguli wayo iNkosi Mangosuthu Buthelezi okhothame ngoSepthemba wonyaka odlule, esigodlweni KwaPhindangene.
UHlabisa uthe uNtuli ukhethwe ngokuvumelana, akukaze kube khona umdonsiswano ngegama lakhe.
“Yimina ophakamise igama likaNtuli futhi kube yilona kuphela igama eliphakanyisiwe. Igama lakhe livele emhlangangweni wesigungu esiphezulu senhlangano. Siyameseka sonke kwi-IFP, simethembile ukuthi ufanelwe yilo msebenzi,’’ kusho uHlabisa.
UHlabisa ukhuluma kanjena nje, kuhlala kuvela imibiko ethi kabazwani kahle noNtuli futhi kunamaqembu ehlukene abesekayo. UHlabisa uthe sebeyikhulume kakhulu leyo ndaba futhi kusuke kungabantu nje abazama ukuxova abasho njalo.
Ngesikhathi kumenyezelwa uNtuli kudume ihlombe, yena ubebukeka ephansi nje eziqoqile ehleli phambili etafuleni eduze kukaHlabisa. bebebuye babonakale behlebelana okuthile, banqekuzise amakhanda bavumelane.
UNtuli ngaphandle kokuba wuSihlalo we-IFP esifundazweni, uyiMeya yesifunda iKing Cetshwayo, unguSihlalo weSalga esifundazweni. UNtuli udabuka eVumanhlamvu eNkandla. Uke waba yimeya kamasipala wakhona eminyakeni edlule.
Uke waba wuthishomkhulu eHwanqana Combined School, eNquthu naseLushaba Secondary eNkandla. UNtuli ephawula ngokuphakanyiswa kwakhe, uthe konke azokwenza kuzobe kuhambisana nokubeka abantu phambili.
Uthe akafuni ukuqhulula izethembiso ngoba iqembu lisazokwethula umqulu wokhetho, emcimbini ozoba senkundleni iMoses Mabhida ngoMashi.
“Lesi yisikhathi esibaluleke kakhulu ohambweni lwethu njengoba ngemukela ukuphakanyiselwa ekutheni ngihole umkhankaso weqembu esifundazweni, kubhekwe okhethweni. Ngalo mzuzu ngikhumbula uMntwana waKwaPhindandangene owasifaka ezweni lenkululeko,’’ kusho uNtuli.
Kulindeleke ukuthi i-IFP yethule umqulu wayo wokhetho eThekwini ngoMashi 10 kanti ithe iyethemba ukuthi izobe igcwele inkundla iMoses Mabhida.