UNdunankulu omusha waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, umemezele ikhabhinethi yakhe entsha ngoLwesibili ekuseni.
UNtuli, obeyiMeya kaMasipala iKing Cetshwayo, umemezele ikhabhinethi ngemuva kokufungiswa yiJaji uThoba Poyo-Dlwathi, ezinkundleni zemidlalo iWoodburn, eMgungundlovu.
Kwikhabhinethi yakhe ufake nabavela kwamanye amaqembu njengoba isifundazwe sibuswa wuhulumeni wokubambisana ngemuva kokuthi kungabanga khona qembu elinqobe uqekelele.
Amaqembu i-IFP, DA neNFP asayine isivumelwano sokusebenzisana.
UNtuli ubabe kanje ongqongqoshe:
UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho - Mfundisi Musa Zondi
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu - Mfundisi Thulasizwe Buthelezi
UMnyango weMisebenzi yoMphakathi - Mnuz Martin Meyer
UMnyango wezeZimali - Mnuz Francois Rodgers
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi - Nksz Mbali Shinga
UMnyango wezokuThutha - Mnuz Siboniso Duma
UMnyango wezeMfundo - Mnuz Sipho Hlomuka
UMnyango wezoLimo - Nkk Thembeni Madlopha-Mthethwa
UMnyango wezeMpilo - Nksz Nomagugu Simelane
UMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko - Mnuz Mntomuhle Khawula