UNCISHWE ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseNquthu, uMnuz Simphiwe Zulu, osolwa ngecala lokubulala ngokusacaza ngekhanda odongeni usana olunonyaka, maqede waluhlinza, waphanyeke amathumbu alo ophahleni lwendlu.
UZulu (33) waseMpumelelweni ufike enkantolo egqoke izingubo ezingamanikiniki futhi ebukeka sengathi nasekhanda kuphithene nje. Obekhona enkantolo, uNksz Thandeka Mazibuko uthe icala lihlehliselwe umhla ka-3 Ephreli.
Uthe uZulu unqatshelwe ibheyili ngenxa yokuthi icala lakhe libucayi. Isolezwe libike ukuthi uZulu, okusolwa ukuthi uwumlutha wezidakamizwa, ubulale umzukulu wakhe, uSinakhokonke Zulu ngesihluku phambi kukanina, uNksz Anele Zulu (18) ngoLwesibili ebusuku.
Ekhuluma neSolezwe ekuqaleni kwesonto, u-Anele, owenza uGrade 12 eMgazi High eNquthu, uthe uninalume (umsolwa) ufike kuhwalala ebheje amehlo ebomvu, esabeka futhi kucaca ukuthi uwudlame.
“Ujwayele ukuhamba ekuseni eyobhema izidakamizwa nabangani bakhe, abuye ntambama. Ngokwejwayelekile ubefike alwe nami nogogo njengoba besihlala naye nengane yami, sibane kuphela ekhaya. Kodwa ngoLwesibili bekudlulele kungathi uyahlanya.
Sibaleke sayozivalela ekamelweni nogogo nengane yami, safonela esibhedlela ngoba besikholwa wukuthi uphambanelwe yingqondo, sisaba ukuthi uzosilimaza,” usho kanje.
Uthe kufike i-ambulensi iphelezelwa yiveni yamaphoyisa, okuthe uma eyibona wabajikijela ngamatshe elwa nabo, wabuya wazokhahlela isicabha sekamelo abebezivalele kulo, wangena ngaphakathi waqala ukubashaya ebasola ngokumbizela i-ambulensi.
“Uqale ngami wangishaya, wabuya wagqema ugogo ingozi ekhanda wamhlwithwa ingane, waqala wayishaya phansi ngekhanda, wabuya wayishaya odongeni, wathatha ipani wayiqedela ngalo sibuka. Siphume sabaleka ngesikhathi amaphoyisa ezama ukungena.
Ubulale i-globe yokukhanyisa kwaba mnyama endlini, eselwa nanoma wubani ongena endlini esephenduke isilwane,” usho kanje.
Uthe lesi simo simphazamise kakhulu njengoba uyafunda wenza uGrade 12, akazi ukuthi uzomelana kanjani nezifundo kwazise kuqalile ukubhalwa kwezivivinyo zangoMashi.
Uthe okubuhlungu wukuthi nangonyaka odlule kwadingeka ukuthi ashiye phansi isikole ephasele leli banga emva kokubeletha.
Ilungu lomphakathi elizibonele kwenze isigameko kodwa elingathandanga ukudalulwa, lithe kusize ukufika kwamanye amaphoyisa ngoba umsolwa ubesehlula ngisho kuphonswa isisi esihilayo esikhapha izinyembezi, esendlini engaphumi.
“Angikwazi engikubone lapha, ngiyakuqala. Ngesikhathi ephuma, igazi lengane beligcwele emlonyeni kungathi ubeliphuza, amathumbu ewaphanyeke phezulu ophahleni lwendlu,” kusho owasemphakathini.
Uthe kunesakhiwo esingamathoyilethi esidala okubhenywa kuso izidakamizwa, osekunesikhathi benxenxa umasipala ukuthi asidilize.
Umthombo weSolezwe osondelene namaphoyiseni aseNquthu, uthe umsolwa usebuyelwe yingqondo, uyaxolisa futhi uveza ukuthi ingane uyinhlinze ngebhodlela.