UNQATSHELWE ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseMpendle, omunye wabasolwa ongusingababa, emacaleni ahlukene okudlwengulwa kwabafundi ababili abaneminyaka ephakathi kweyisithupha neyisishiyagalombili, abafunda esikoleni esisodwa samabanga aphansi endaweni.
Umphakathi waku-ward 5 eMpendle, ubuphume ngezinkani izolo, ngenhloso yokufaka ingcindezi yokuthi umsolwa ona-31 obevele kule nkantolo ngecala lokudlwengulwa kwendodakazi yakhe angayizali eneminyaka eyisishiyagalombili, angayitholi ibheyili.
Kwenzeka lokhu-nje, khona enkantolo efanayo bekulindeleke ukuthi kuvele abasolwa ababili, ona-35 ongusingababa wendodakazi eneminyaka eyisithupha nomsolwa onguninalume kamgilwa ona-18, ngamacala okudlwengulwa komgilwa kuphindelelwa ezigamekweni okuthiwa zenzeka ngokuhlukana.
Kuvele ukuthi laba basolwa bona bavele bangaphandle, emva kokudedelwa ngebheyili ngesonto eledlule ngesikhathi bevele okokuqala kule nkantolo.
Kuleli cala, kuthiwa umgilwa ubehlala noninalume njengoba unina egane komunye umuzi endaweni, okusolwa ukuthi umdlwengule ephindelela okuthe uma umgilwa evakashele unina ohlala noyise angamzali, kusolwa ukuthi uphinde wahlangabezana nesimo esifanayo, kulokhu esegilwa ngusingayise.
Kuthiwa bekulindeleke ukuthi babuyele enkantolo izolo kodwa bagcine bengavelanga, ukuvela kwabo kwahlehliselwa uSepthemba 25, umshushisi esazama ukuhlanganisa ubufakazi obanele.
Ecaleni lomgilwa oneminyaka eyisishiyagalombili, inkantolo kuthiwa isichithile isicelo sebheyili somsolwa kanti uzoqhubeka nokuhlala esitokisini kuze kuphothulwe icala lakhe. Ubevele okokuqala enkantolo selokhu eboshwe ngoLwesine olwedlule.
Ngesizathu okuthiwa sivele enkantolo, kuthiwa umsolwa emva kokuboshelwa lezi zinsolo, kusatshelwe ukuthi umndeni womgilwa nomgilwa ngeke baphephe uma engase akhululwe ngebheyili
USihlalo we-ANC ku-ward 5, uMnuz Thami Mkhulisa, obengomunye wabebehola umbhikisho ngaphandle kwenkantolo, uthe umgilwa ofunda ubonwe ngothisha esikoleni opha nokuthe uma kulandelwa kwatholakala ukuthi udlwenguliwe nokube yilapho okuboshwe khona umsolwa.
“Ziyakhathaza kakhulu izigameko zokudlwengula kwezingane ezincane endaweni, ikakhulu ngoba imvamisa abagilwa bafunda esikoleni esisodwa samabanga aphansi.
“Zinhlanu izigameko zokudlwengulwa kwezingane ezincane zamantombazane kwenziwa ngabantu abadala, kangangoba siwumphakathi besifuna izimpendulo ukuthi kungani inkantolo ibadedele ngebheyili abasolwa ababili kwelokudlwengulwa komgilwa oneminyaka eyisishiyagalombili,” usho kanje.