UNQABE ummeli wamahhala olaxaze uqweqwe lommeli ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
Ummangalelwa wesine, uMnuz Sibusiso Ncengwa, utshele inkantolo ukuthi ngeke amdinge ummeli wamahhala ngesikhathi eyazisa ukuthi uzoshintsha ummeli.
UNcengwa ubekade emelwe wuqweqwe lommeli, u-Adv Shane Matthews, omele abanye abasolwa ababili kuleli cala.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uNcengwa ubuziwe ukuthi uzomdinga yini ummeli wamahhala njengoba eselaxaze uMatthews.
Uphendule ngokuthi uzoziqashela owakhe.
UNcengwa utshele inkantolo ukuthi uhlose ukuqasha inkampani, iShoba Attorneys, ukuba kube yiyo eqhubeka nokumumela.
"Ngake ngakhuluma naye phambilini, ngimbikela ukuthi ngifuna ozongimela."
Akazange asidalule isizathu sokulaxaza uMatthews.
Umshushisi omkhulu ecaleni, u-Adv Lawrence Gcaba, uthe bazozama ukuxhumana nabameli abasha, ukuze babazise ukuthi icala likusiphi isigaba.
UGcaba uthe bafuna ukuthi kungabambezeleki ukuqulwa kwecala.
UGcaba ubuye waveza ukuthi sebesifakile isicelo sokuba ummangalelwa wesithathu ecaleni, uMnuz Mlungisi Ncalane, ayohlolwa umqondo.
UGcaba uthe usembhalelile umphathi wesibhedlela sabagula ngengqondo, iFort Naiper, ecela ukuba amukele uNcalane.
"Konke sekusezandleni zomphathi wesibhedlela. Sitshelwe ukuthi ujwayele ukusheshe aphendule. Ngakho-ke sibheke ukuthi impendulo siyithole maduze."
UNcalane kunqunywe ukuba aphinde ayohlolwa umqondo emva kwesicelo esifakwe uMatthews.
NgoMsombuluko uMatthews utshele inkantolo ukuthi uNcalane ubukeka ephazamisekile emqondweni, wakhala ngokuthi uvele aqhunsule amehlo uma kukhulunywa naye.
UMatthews uthe usaba ukuthi uNcalane akakwazi ukulandela okwenzeka enkantolo ngenxa yokuphazamiseka emqondweni.
UNcalane wake wahlolwa umqondo ngo-2022 kodwa umbiko wathola ukuthi uhlushwa wukuphuza ngokweqile nokubhema insangu.
Icala lizobuyela enkantolo ngoFebhuwari 6, lapho kuzozwakala khona ukuthi uNcalane uzokuya nini ukuyohlolwa umqondo.
Ngalo lolu suku kuyokuba sekunqunywa usuku okuzoqulwa ngalo icala.
Abanye abasolwa ecaleni oMnuz Sbonelo Myeza, noMbulelo Mpofana.
UMagaqa wasocongwa ngo-2017, wadutshulwa ebuya emhlanganweni wamakhansela.
Ukuqulwa kwecala sekubambezeleke izikhawu eziningi.