UMLINGISI woZalo, uMasoja Msiza, uthi ababukeli abehlise umoya ngoba yena akayi ndawo kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 nsukuzonke.
Kushaqeke ababukeli abaningi ngesikhathi kumazwibela alo mdlalo kuvela umseshi uMondli ethola ucingo lokuthi uNkunzi (okuyindawo elingiswa wuMasoja) ubulewe.
Abalandeli boZalo badinwe bagana unwabu, basabisa ngokuthi bazowuduba lo mdlalo ongungqaphambili kuleli uma kuqedwa indawo kaNkunzi.
UMasoja uthe amahlebezi okuthi uyalushiya Uzalo angamampunge nehaba.
"Abantu abaqhubeke nokubuka lo mdlalo, bazobona ukuthi ngisekhona futhi angiyi ndawo," kusho uMasoja.
Uqhube wathi akahlabile ngisho ikhefu elincane kulo mdlalo, usasebenza njengenjwayelo. Uthe ababukeli abalindele ukubona uNkunzi ohlukile eziqeshini ezilandelayo.
"Mhlawumbe bakusho nje ukugcwalisa amakhasi abo ezinkundleni zokuxhumana, kodwa ngakimi angikaze ngitshelwe lutho ngokuthi indawo yami kulo mdlalo iyaphela," usho nje uMasoja.
Okhulumela umdlalo, uNksz Nomfundo Zondi, uthe uNkunzi uzonyamalala isikhashana nje kuphela.
“UMasoja akaphumi kulo mdlalo, kodwa indawo yakhe izoshintsha kancane kodwa ngendlela ezothokozisa ababukeli,” kusho uNksz Zondi.
Uthe ababukeli bazobamba ongezansi ngendlela uNkunzi abulawe ngayo, futhi bazolangazelela ukuthola ukuthi uzophinde avuke kanjani,