I-ACTION SA idalule ukuthi abantu bokufika bakweleta izibhedlela ezimbili zaseGauteng, uR1.1 billion ngokulashelwa umdlavuza.
UNkk Emma More okhulumela i-ActionSA kwezempilo eGauteng, uveze ukuthi imali esetshenziswa ukwelapha abokufika ingasiza abantu bakuleli njengoba uMnyango wezeMpilo ungenayo imali eyanele.
“Asisho ukuthi abantu abangalutholi usizo lwezempilo kodwa kufanele ohulumeni bamazwe abo bakhokhele izindleko zokulashwa kwabo. Lapha sikhuluma ngabantu bokufika abakuleli ngokomthetho nalabo abasuke befikele ukulashelwa umdlavuza bese bebuyela emazweni abo. Isibhedlela iSteve Biko Academic sikweletwa uR400 million, iCharlotte Maxeke Academic ikweletwa uR700 million. Kufanele ohulumeni bamazwe anabantu abalashwa kuleli bakhokhe,” kusho uNkk More.
Uthe abantu bokufika abalashelwa umdlavuza kuleli ngabaseZimbabwe, Lesotho, Malawi, Nigeria, Somalia, Congo, India, Rwanda, Pakistan nabanye.
“Asikwazi ukuqhubeka lesi simo kufanele uMnyango wezaseKhaya ulekelele owezeMpilo ukubheka ukuthi abantu abalashelwa umdlavuza nabathola ezinye izinsiza zempilo baphuma kumaphi amazwe. Emuva kwalokho kufanele kuxoxwe nohulumeni bamazwe abo ukuba bakhokhele izindleko zabo. Singalwenza nohlelo lokuthi abasuke bezolashelwa umdlavuza kube nemali abayikhokhayo ngaphambi kokulashwa. Kuyishwa ukuthi abantu abasuke sebelashwe izinyanga eziyisithupha bavele banyamalale njengoba uMnyango wezeMpilo uveze ukuthi ababe besatholakala emuva kokulashwa.”
UNkk More uthe akakhulumi ngabantu bokufika abasuke beze kuleli ngoba bebalekela izimpi emazweni abo kodwa ukhuluma ngalabo abaze kuleli ngenhloso yokuthola usizo lwezempilo kodwa abasebenzisa izibhedlela zikahulumeni ngaphandle kokukhokha.
Uthe kukhona abakuleli ngokusemthethweni nalabo abakuleli ngokungemthetho bonke bayalashwa mahhala ezibhedlela zikahulumeni.
Akusikhona okokuqala kuvela ukuthi izindleko zabokufika ziyawusinda uMnyango wezeMpilo ngoba ngo-2022 uNdunankulu waseLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, wakhala ngokuthi baningi kakhulu abesifazane baseZimbabwe, abeza kuleli ngenhloso yokuzobeletha mahhala ezibhedlela zikahulumeni bese bebuyela emuva.