ZINKANI zababili phakathi kowayengumengameli we-ANC Women’s League (ANCWL), uNkk Bathabile Dlamini, nenhlangano yakhe ayifake kubameli, ngemva kokumnqabela ukungena embangweni wesigungu esiphezulu.
I-ANC ilungisela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ezongena ngoLwesihlanu oluzayo, eNasrec.
Uyavutha umbango wezikhundla, ngaphandle kweziyisithupha ezibangwayo kodwa kubangwa nokungena esigungwini esiphezulu senhlangano. Isigungu esiphezulu sinamandla okuthatha izinqumo.
UNkk Dlamini uthole incwadi emazisa ukuthi ngeke akwazi ukungenela umbango wesikhundla ngoba walahlwa yicala. Kuthe kusenjalo uNkk Dlamini wabajijimeza ngencwadi yabameli, iTim Sukazi Incoporated, Isolezwe ngeSonto eliyibonile ikhophi yayo.
Incwadi iveza ukuthi uNkk Dlamini akahambisani nokushiwo ngaye futhi uzimisele ukusiphosela inselelo isinqumo.
UNkk Dlamini ulahlwe yicala lokuqamba amanga efungile ngoMashi nonyaka, elisukela ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke. Kwakunesigcawu sophenyo ngenkontileka yokuholela izibonelelo lapho ayethula khona ubufakazi.
I-ANC ithi isemkhankasweni wokusefa ukuze esigungwini sayo esiphezulu kungene abantu abaqotho, kubuye isithunzi senhlangano. Kuthe kusabhekwe indaba kaNkk Dlamini, kwabikwa udaba lukaMnuz Tony Yengeni naye othole incwadi efanayo.