IHHOVISI lePhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, lithi uphile njengosheleni emuva kokuquleka ethula inkulumo emcimbini obuseTzaneen, eLimpopo, ngoMgqibelo.
Okhulumela uMashatile, uMnuz Keith Khoza, uthe uMashatile uqulekiswe ukuphelelwa amanzi emzimbeni okubangelwe amazinga okushisa abekade ephezulu.
UKhoza uthe amaphaphu phansi ezweni, uMashatile ungumqemane, ubonane nodokotela wakhe okunguye oveze lezi zindaba.
Itshale ingebhe kubantu i-video ezungezayo ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa uMashatile, obekade eyisikhulumi sosuku, efumbeka phansi esesteji.
Ubekade eyisicukuthwane emcimbini owaziwa ngokuthi iN’wamitwa Day esigodini iValoyi.
UKhoza uthe ngesikhathi uMashatile ethula inkulumo yakhe uzizwe eba lula ephelelwa amandla obekade kudalwa wukushisa kakhulu.
“Singakuqinisekisa ukuthi iphini likamengameli lisesimweni esikahle emuva kokuxilongwa odokotela,” kusho uKhoza.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) ikhiphe isitatimende lapho ebikade ifisela khona ukwelulama okusheshayo uMashatile.
Leli qembu lichaze uMashatile ngomuntu oqavile kwipolitiki yaseNingizimu Afrika futhi nguye owengamele amabhizinisi kahulumeni ePhalamende.
“Ungumuntu obalulekile ekuxhumaniseni amaqembu ezepolitiki aphikisayo nongqongqoshe. Uphinde aqinisekise ukuthi labo abasezintanjeni zoMbuso bayawenza umsenzi ababekelwe wona,” kusho i-EFF.
I-EFF ithe yizindaba ezinhle ukuzwa ukuthi uMashatile welulama kahle, yathi ungumholi ozithobile, ovulelekile, otholakalayo futhi owenza kahle umsebenzi wakhe.