UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele usole isifundazwe iKwaZulu-Natal njengesikhiqiza izinkabi ezithunyelwa ezindaweni ezehlukene zibulale abantu.
UCele usho lokhu ngesikhathi ehlanganyele nezinduna zamahostela ahlukene eSoweto eGoli ngoMgqibelo. Uthe lesi sifundazwe sesidume kabi, kwaziwa ukuthi kutholakala kusona izinkabi ezithengwa ngamanani ahlukene.
Lo ngqongqoshe wenze isibonelo ngoFisokuhle Ntuli, insizwa yaKwaNongoma eyagwetshwa odilikajele abayisithupha neminyaka engu-39 ngaphezulu ngamacala okubulala osomatekisi namakhansela.
UNtuli uyathinteka ecaleni lokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa kanti leli cala lisaqulwa enkantolo.
“Kukhona abanye abaseShowe ababulala umuntu eKapa bengenayo nemoto yokubaleka bahamba bayogibela itekisi, babanjwe bebathathu besetekisini. ETembisa, kwabulawa itshitshi elingunesi, kulelo cala kuboshwe abantu abayisithupha, bonke labo bantu ngabaseMnambithi,” kusho uCele etshela izinduna.
Uthe akakususeli ekhanda lokhu akushoyo kodwa kukhuluma ubufakazi bombiko wamacala nabantu ababoshwayo ngamacala enziwayo.
Uthe kumphatha kabi ukwanda kwabantu ababulawa ngokuthengelwa izinkabi nokuthi kubonakala sengathi lobu bugebengu buxhaswe ngemali eshisiwe. Izinkabi ziqotha kwasani ezindaweni ezehlukene kusukela kosopolitiki, osomatekisi, abantu abathola nabafuna amathenda nemisebenzi komasipala abahlukene.