UNGQONGQOSHE wezeNhlalakahle yoMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uhlabe ikhwelo emindenini wathi akubuyiswe ubuntu njengoba izingane ezikhulelwa zincane, zikhuleliswa yizihlobo, imindeni kanjalo nobaba abazizalayo.
Usho lokhu ephendula ilungu leDA esiShayamthetho sesifundazwe izolo uNksz Mmabatho Tembe, okhale ngesihlava sokukhulelwa kwabafundi abaneminyaka esuka ku-10 kuya ku-18 kulesi sifundazwe.
UNkk Khoza uthe ukudlwengula ukukhulelisa ingane ena-10 weminyaka.
UNksz Tembe unxuse ukuthi uMnyango wezeNhlalakahle usebenzisane neminye iminyango ukuthola isisombululo enkingeni yokukhulelwa kwezingane ezisencane.
“Izibalo ezikhishwe nguNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane ezisuka kuDisemba nyakenye ziza ku-Ephreli, ziveze ukuthi kwakhulelwa amantombazane angu-26 515 aphakathi kuka-10 no-19 weminyaka. Angu-1 254 ayeneminyaka engu-10 kuya ku-14. Lezi zibalo ziyashaqisa,” kusho uNksz Tembe.
Unxuse ukuthi uMnyango wezeNhlalakahle uxhumane nonompilo emitholampilo ukuze kutholakale amacala okudlwengula.
“Inkinga ebhekene nomphakathi wonkana edinga ucwaningo lomnyombo wale nkinga. Kumele kutholakale izizathu ezenza zande kakhulu izibalo zabakhulelwa besebancane,” kusho uNksz Tembe.
UNkk Khoza uthe banazo izinhlelo abazenzayo ezikoleni zesifundazwe zokuqwashisa izingane ezisencane ngesihlava sokukhulelwa.
“Kukhona nohlelo iYolo echaza ukuthi uphila kanye ngakho kumele uzivikele. Lolu hlelo lugxile kulabo abafunda ezikoleni zamabanga aphezulu abaneminyaka engu-15 kuya ku-18. Sinolunye uhlelo olugxile ngqo kubafundi abenza amabanga aphansi abaneminyaka engu-10 kuya ku-14.”
Uthe uma kungase kuvezwe oyise bezingane ezizozalwa kungavela amahlazo.
“Lezi zingane zikhuleliswa ngabantu abadala, izihlobo kokunye oyise bazo. Yingakho sihlaba ikhwelo lokuthi akubuye ubuntu kubantu ukuze kuliwe nesihlava sokukhulelwa kwezingane,” kusho uNkk Khoza.
Uthe akuwona umnyango wakhe kuphela obhekene nale nkinga kodwa nomphakathi jikelele, wathi imindeni kumele ibambe iqhaza ekulweni nalesi sihlava.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo uMnuz Elijah Mhlanga, uthe imigomo ekhona emnyangweni eyokuthi kumele basekwe abafundi abakhulelwe njengoba kumele bafundiswe besakhulelwe baze babuye uma sebeqeda ukubeletha bezoqhubeka nezifundo.