UNGQONGQOSHE wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya kwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uhlabe ikhwelo kwabesifazane basemakhaya ukuba babuyele emasimini bavuse ezolimo ukuze bafukule umnotho wesifundazwe.
UMadlopha-Mthethwa ubekhuluma emcimbini wokugubha inyanga yabesifazane obuseNqulwana , ku-ward 14 kwaHlabisa ngoMgqibelo.
Uthe ezolimo ziwumgogodla womnotho, akumele abesifazane basonge izandla futhi uMnyango wakhe uzobaxhasa ukuze bakwazi ukuqinisa kulo mkhakha osanenqwaba yabesilisa abamhlophe.
"SinguMnyango sizimisele ukuba sinixhase siphinde senze isiqiniseko ukuthi njengabantu besifazane nidlala indima ebalulekile emnothweni wesifundazwe nasekudaleni amathuba omsebenzi," kusho okaMadlopha-Mthethwa.
Ukusho lokhu nje ezindaweni eziningi zasemakhaya abesifazane bayazilimela ukuze badle nemindeni yabo njengoba bekhala ngokuthi awekho amathuba abavulelwa wona okudayisa imikhiqizo yabo emakethe.
UNkk Babongile Mdletshe (54) uthe bayakujabulela ukuthi ekugcineni uHulumeni usesibonile isidingo sokubafukula emsebenzini abebazi ukuthi bawenza nje ukuze kulalwe kudliwe emakhaya.
"Empeleni besingazi ukuthi uma sizilimela izitshalo zethu lokho sekungasenza osomabhizinisi. Besazi ukuthi silima ngoba kumele emakhaya ethu kuhlale kunokudla singathengi konke ezitolo. Nokho uNgqongqoshe usivula amehlo okuba sihlangane singabesimame sikhande umnotho ngalezi zivande zethu esizilimayo," kusho uNkk Mdletshe.
Udaba lokuba abesifazane bangene kwezolimo ngokwebhizinisi luseqhulwini kule nyanga yabesifazane.
Muva nje uNdlunkulu wokuqala weSilo samabandla uZwelithini kaBhekuzulu, uNdlunkulu uSibongile maDlamini wakwaKhethomthandayo, ucele abesifazane eMkhosini weSivivane ukuba bayeke ukudayisa imihlaba yabo emakhaya kodwa abayilime benze ibhizinisi ngayo eliyohlomulisa isizukulwane esizayo emindenini yabo.
IMeya waseBig Five Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe banezinhlelo ezizosiza abesifazane ukuba bakwazi ukulima.