LISHONE elayizolo kuchwaza ezinkundleni zokuxhumana abantu bengawuvali ngesimemezelo sikaNgqongqoshe omusha wezemidlalo kuzwelonke osanda kungena kulesi sikhundla, uMnuz Gayton McKenzie, omemezele ukuthi usevale uhlelo lokukhokhelwa kwezindleko zokuhamba kwabalandeli bokuqina bezemidlalo bakuleli lizwe.
Bekuhlekwa abanye bedabukela umlandeli wokuqina obehlale etetemuka namaqembu ezemidlalo kuleli uMama Joy, owaduma esewumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates. NoBotha Msila akasalanga kulolu teku.
Ekuqaleni kwalo nyaka, kwavela ukuthi kwasebenza imali yabakhokhi bentela elinganiselwa kuR1.3 million wokukhokhela izindleko zalaba balandeli behambe neqembu AmaBhokobhoko eNew Zealand naseFrance, ngonyaka odlule.
Izolo, uMcKenzie ubhale ekhasini lakhe lakwi-X ukuthi usevale ukukhokhela izindleko zokuhambela imidlalo kwalaba balandeli, akuchaze ngokuthi akunasidingo futhi kumosha imali engabe isiza amaciko.
“Sinabadlali bemidlalo ehlukene namaciko athwala kanzima ukuhlanganisa imali yokuya emicimbini yezemidlalo neyobuciko, ngakho kusiza ngani ukukhokhela izindleko zabalandeli? Asisekuyikhokha imali yohambo lwabalandeli, kunalokho sizosebenzisa imali lapho edingeka kakhulu kukhona,” kubhala uMcKenzie ongumengameli wePatriotic Alliance.