UNDUNANKULU uNomusa Dube-Ncube nongqongqoshe abathathu okubalwa uMbali Fraser, Sipho ‘KK’ Nkosi noSboniso Duma kuthe namhlanje ntambama bahlangana nabezindaba ngemuva kokuthi bekade behlangene njengesigungu esiphezulu lapho bebekade bedingida izindaba ezibalulekile.
Olunye udaba olubalulekile noludingidiwe emhlanganweni kube udaba oluthinta ukuphazamiseka kwemisebenzi.
Kulesi sithangami kuvele ukuthi ngesikhathi esanda kuqokwa uNgqongqoshe Sipho ‘’KK’’ Nkosi wabiza umhlangano ophuthumayo wacela abasebenzi bahulumeni ukuthi bamnike uhlu lwayo yonke imisebenzi okuphazanyisiwe ukwakhiwa kwayo.
Ungqongqoshe waveza ukuthi inhloso yokwenza lokhu ukuthi ayivule kuqhutshekwe kusetshenzwe. Njengamanje izindawo ezifana noThubalethu Housing Projects eMelmoth neMnyangweni Loskop Housing Projects kuyaqhubeka ukusebenza.
Enye futhi eqhubekayo nomsebenzi, yiMenzi High School Project eke yaphazamiseka kodwa nayo eseyiqhubeka nokwakha, yona iphazanyiswe abeConstruction Mafia.
UNkosi wakubeka kwacaca ukuthi into ebalulekile umthetho, baphezu kwayo iConstruction Mafia.
UNkosi uyigxeka kakhulu indaba yabantu abafuna u30% kosonkontileka.
Engxoxweni Isolezwe Ngempelasonto Online eke yaba nayo noBhamuza Mnyandu wamaDelangokubona, nawo asethathwa njengamaConstruction Mafia, waveza ukuthi liyabacika leli gama ngoba bona bangosomabhizinisi futhi ayikho imisebenzi abayiphazamisayo kodwa bona basuke bedinga ukukhokhelwa nje kuphela.