UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usephumele obala wathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, akaphindeli esikhundleni sakhe sokuba yimeya kuMasipala iKing Cetshwayo.
UHlabisa uthe uNtuli ungundunankulu wesifundazwe ngakho akukho ukubuyela emuva eKing Cetshwayo.
Ukusho lokhu kulandela imibiko yangempelasonto eveze ukuthi asikavalwa isikhala sakhe ngenxa yokuthi umathintanyawo ngohulumeni wokubambisana ukuthi ungase uwe bhu, bese ehlala engenaso isikhundla.
“Ngiyawuqinisekisa umphakathi ukuthi akukho ukubuyela kukaNtuli eKing Cetshwayo. Wahamba kulo masipala njengoba engundunankulu, uzobusa iminyaka emihlanu. Kukhona ibamba lemeya, awukho umbango, silandela imigomo ebekiwe yokuqoka imeya entsha. Uhlelo lokuqoka imeya seluya ngasemaphethelweni. Okusijabulisayo ngukuthi ibamba lemeya liyasebenza, lisemphakathini, liyaqhubeka nomsebenzi omuhle oshiywe nguNtuli.”
UHlabisa uthe uNtuli ushiye umbiko wokusebenza kwezimali zomphakathi.
Uthe maduzane bazowazisa umphakathi ngokuzokwenzeka eKing Cetshwayo.
Mayelana nengqungquthela yokukhetha ubuholi kwi-IFP, uthe uhlelo lokuphothula ucwaningo lwamagatsha kumele luphothulwe ngoDisemba.
Uveze ukuthi ngoJanuwari usuke unzima, ngakho kubukeka ingqungquthela yokukhetha ubuholi izobanjwa ngaphambi kwezinyanga ezingu-12, kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya.
“Sibheke ukuthi le ngqungquthela ibe kusuka kuJuni, Julayi noma ngo-Agasti, ngonyaka ozayo. Ngeke udlule u-Agasti ingabanjwanga le ngqungquthela ngoba kumele silungiselele ukhetho,” kusho uHlabisa.
Uveze ukuthi ngoMashi 21, ngonyaka ozayo, kuzoba nomgubho obalulekile nomkhulu wokubungaza iminyaka engu-50, leli qembu likhona.
“Amaqembu amaningi uma egubha iminyaka engu-50, asuke esezoba ngumlando ngeqhaza alibambile. Siyiqembu abantu abathembele kulona nabahlale befuna ukwazi ukuthi kwenzakalani kulona ngenxa yokuthi liphethe isifundazwe,” kusho uHlabisa.
Uthe bafuna ukwandisa omasipala abazophathwa yileli qembu kuleli.