INDLUNKULU kaZulu isola uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngokuxosha abantwana emhlanganweni wakhe neSilo, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UNkk Dube-Ncube uhlangane neSilo ngoLwesibili esigodlweni KwaKhangelamankengane.
Inhloso yomhlangano wangoLwesibili bekungukuyokwethula amalungu eKhabhinethi yaKwaZulu-Natal.
Okukhalisa indlunkulu ngomhlangano wukuthi abantwana abebephelezela iSilo batshelwe ukuthi mabaphume emhlanganweni.
Ngokwesitatimende esikhishwe wundunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, iSilo sisale singenaye umuntu ozosilalelisa emhlanganweni emva kokuthi abantwana abebesiphelezela bekhishelwe ngaphandle.
UButhelezi uthe iSilo besiphelezelwa nguMntwana uThulani Zulu, ongumkhulumeli wehhovisi leSilo, noMntwana uMbongiseni Zulu, wasoSuthu.
“Kube nokwephulwa kwenqubo eyejwayelekile kulo mhlangano, osekushiye indlunkulu ikhathazekile. Kungazelele muntu, undunankulu uvele watshela abantwana abebephelezela iSilo ukuthi baphume emhlanganweni. Lokhu kushiye iSilo singenafakazi noma umuntu osiphelezele ngesikhathi sihlangene neKhabhinethi yaKwaZulu-Natal.
“Lesi sigameko sishiye indlunkulu imangele futhi ikhathazekile, izibuza ukuthi ngabe yini lena undunankulu neKhabhinethi yakhe abebefuna ukuyisho eSilweni sihamba sodwa. Lokhu kungukuphulwa kwenqubo eyejwayelekile, futhi iyaxaka le ndlela yokuziphatha. Indlunkulu kayihambisani nale ndlela yokwenza izinto.”
UButhelezi uthe indlunkulu inethemba lokuthi ngeke iphinde yenzeke into efana nale eyenzeke ngoLwesithathu.
“Kuyishwa ukuthi umhlangano wokuqala weSilo neKhabhinethi yaKwaZulu-Natal usuphazanyiswa yilesi sicelo esingajwayelekile, sokuthi iSilo singaphelezelwa muntu. Indlunkulu ithemba ukuthi lokhu akusizo izinkomba zokuthi izinto sezizohamba kanjani uma kuhlangene uhulumeni waKwaZulu-Natal neSilo.”
Ihhovisi likaNdunankulu belingakaphenduli ngelezi nsolo.
Emhlanganweni wangoLwesibili, iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal iqinisekise iSilo ukuthi amalungiselo omcimbi wokudluliselwa ngokusemthethweni kwesitifiketi saso ahamba kahle.
Umcimbi wokudluliswa kwesitifiketi seSilo uzokuba senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ngesonto elizayo.