UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthi aphelile amahlathi ebasebenzini bakahulumeni abangamavila futhi ababambezela ukuqondiswa kwabo ubugwegwe ngoba behleli emakhaya bemisiwe betamuza imali mahhala.
UNkk Dube - Ncube ubethula inkulumo ngesimo sesifundazwe ngoLwesihlanu emcimbini obuse-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu. Bekungokokuqala uNkk Dube-Ncube ethula inkulumo yesimo sesifundazwe selokhu ejutshwe esikhundleni ngonyaka odlule. Ethinta iphuzu labasebenzi uqale wancoma abenza kahle wathi kufanele bagqugquzelwe.
“Abasebenzi abenza kahle kufanele bakhuthazwe ngoba basebenzela uNkulunkulu uqobo, sizoqhubeka nokulwa nenkohlakalo nobuvila kubasebenzi. Abangawenzi umsebenzi wabo kufanele bajeziswe, kufanele sehle isibalo sabasebenzi abamisiwe isikhathi eside behleli emakhaya,’’ kuxwayisa uNkk Dube - Ncube.
Uthe kunomkhuba wokuthi kumiswe abasebenzi isikhathi eside behamba izigcawu zokuqondiswa ubugwegwe ezingapheli, ezilokhu zihlehla.
“Abasebenzi bahlala iminyaka emithathu abanye emihlanu bemisiwe izithangami zokuqondiswa ubugwegwe zihlehla abanye bezihlehlisa bona ngamabomu. Uma kufanele umuntu axoshwe, akaxoshwe nokufanele baboshwe, mababoshwe,’’ kubhoka uNkk Dube-Ncube.
Uthe banendlela yokuqeda umkhuba wabasebenzi ababika imbiba, nebuzi bengafuni ukusebenza ngoba lokhu kugcina kubambezela ukuhanjiswa kwezidingo kubantu.
“Sesiwutholile umongo wokufika esiphethweni salolu daba, sithi nalabo abebecasha ngokuhlehlisa izithangami zokuqondisa ubugwegwe sesifikle kubona,’’ kugcizelela uNkk Dube Ncube.
Uqhube wathinta indaba yobugebengu obudla lubi esifundazweni wathi bewuhulumeni balufakela izibuko udaba futhi bazokwenza konke okusemandleni ukulwa nesihlava. UNdunankulu uthe kuzoba nengqungquthela yokwabelana ngamaqhinga okulwa nobugebengu.
Usho kanjena nje, ngoLwesine iSilo uMisuzulu kaZwelithini sithula inkulumo, sikhale ngobugebengu.
Uthe uhulumeni ukhathazekile ngokwentuleka kwamathuba omsebenzi nenhlupheko wathi banezinhlelo ezizodala amathuba omsebenzi. Umemezele izinhlelo zokuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile ezifundeni ezehlukene.