NHLAKANIPHO MNQAYI
UMZUKULU osolwa ngokubulala ugogo wakhe kuvela ukuthi waya enyangeni eMtubatuba, ngenhloso yokuyozihlambulula emuva kwesigemeko.
UZama Gumede owayengumsolwa wokuqala kuleli cala, owavuma icala wagwetshwa, Isolezwe elithole ukuthi useshaye ungqimphothwe, kuthiwa wathumela uMnuz Sphamandla Hlengwa ongumsolwa wesibili ukuba ayosoconga umufi, uNkk Fikile Gumede, ngoJuni 2019, KwaMashu.
Kuvela ukuthi uHlengwa wamgwaza amanxeba amathathu emqaleni umufi, wathatha izimpahla zasendlini.
enkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi kuvele uHlengwa, umphenyi wecala, uCaptain Philangaye Mkhiye ethula ubufakazi, udalule ukuthi umzukulu watshela amaphoyisa ukuthi emuva kokwenza isigameko baya enyangeni.
"UZama noHlengwa bazisholo bona ukuthi baya enyangeni beyozihlambulula," kusho uMkhize.
Eqhubeka elandisa inkantolo, uveze ukuthi baqale babopha umzukulu ngaphambi kokuba babophe uHlengwa.
UMkhize ubekade ephendula inqwaba yemibuzo ebivela kumshushisi uMbongeni Mbokazi.
Kuye kwaba khona isikhathi lapho uMkhize zivele zazehlela kuyena izinyembezi ngesikhathi umshushisi embuza ngokuthi uphi umlingani wakhe, uSergeant Ndlela owayehamba naye ngesikhathi beyobopha umsolwa wesibili kubo KwaCinci, eMtubatuba.
UMkhize uphendule ngamafuphi wathi akasekho emhlabeni. Kuphoqeleke ukuthi inkantolo iguqe isikhashana ngenxa yesimo abonakale ekusona uMkhize.
Ummeli kaHlengwa, uAdv Andrew Matlamela, uqhamuke nezinsolo abezibhekise kuMkhize zokuthi amaphoyisa ambhaxabula kabuhlungu uHlengwa emphoqa ukuba avume icala.
"Ngiyakuphikisa lokho, asikaze simbeke isandla uHlengwa. Kodwa nguyena owacela ukuthi agonyuluke ngakho konke okwenzeka ngosuku lwesigameko," usho kanje.
Ufakazi wesibili, uCaptain uNaidoo naye owayekhona ngesikhathi umsolwa wesibili ekhalelwa amasongo kaSigonyela, naye usolwe ngu-Adv Matlamela ngokuthi wambeka isandla.