BONISWA MOHALE
UMVIKELI woMphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane uthi uphenyo olubheka ukuthi ukulungele yini ukuba kuleliya hhovisi yitulo lezepolitiki elihambisana nobandlululo elenziwe ngemuva kokuthi ekhiphe izinqumo eziphatha kabi abathile.
UMVIKELI woMphakathi u-Adv bBusisiwe Mkhwebane uthi uphenyo olubheka ukuthi ukulungele yini ukuba kuleliya hhovisi yitulo lezepolitiki elihambisana nobandlululo elenziwe ngemuva kokuthi ekhiphe izinqumo eziphatha kabi abathile.
Izolo u-Adv Mkhwebane ubesePhalamende eyokwethula ubufakazi njengoba kubhekwa ukuthi usifanele yini isikhundla sakhe.
“Angiboni ukuthi leli komidi lingiphethe kahle, angikaze ngizwe ngisho isiboshwa kuthiwa icala laso liyaqulwa uma sigula. Mina kuqhubekiwe kuleli komidi nokuthi abantu bethule ubufakazi yize bengigula nabameli bami bengekho. Ukuba lapha nje yitulo lezepolitiki elihambisana nokungicwasa,” kusho u-Adv Mkhwebane.
Uthe ngesikhathi enza umsebenzi wakhe akakaze abe nezinhloso ezimbi kodwa uhlale ebhekela ukuthi izwe lizothuthuka kanjani futhi ubavikela kanjani abantu baseNingizimu Afrika.
Wenze isibonelo sophenyo lwakhe ngebhange lombuso iSouth African Reserve Bank (Sarb).
“Ngesikhathi ngiphenya i-Sarb ngangingenazo izinhloso ezimbi, ngisho sengikhipha izincomo ngaphakamisa ukuthi kufanele libe neqhaza ekuthuthukiseni izwe. Ngalokhu ngangingasho ukuthi ibhange lombuso sengifuna lishintshe indlela elisebenza ngayo ngoba akuwona umsebenzi wami lowo. Mina ngikhipha izincomo bese abasemagunyeni baqinisekise ukuthi ziyenzeka,” kuchaza u-Adv Mkhwebane.
Uthe i-Sarb kufanele ibe neqhaza elidlalayo ekuthuthukiseni izwe, wabalula ukuthi baningi kakhulu abantu abasha abangasebenzi ngakho kufanele leli bhange lize nesisombululo kulolo daba.
Ukhale ngokuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi alinikwa imali eyanele yokwenza umsebenzi walo.
“Ihhovisi loMvikeli woMphakathi lenzelwe ukuthi noma wubani azokhala kulona. Ngisho oNgqongqoshe bangayeka ukuqasha izinkampani ezizimele bacele usizo kuleli hhovisi. Inkinga kalabelwa imali eyanele. Uma ukhipha imibiko engavuni abathile, uyasatshiswa. Kunzima ukubeka impilo yakho, eyezingane nomndeni wakho wonkana engcupheni,” kusho u-Adv Mkhwebane.
Uthe ungumuntu osebenza kanzima futhi ohlukile kwabanye abavikeli bomphakathi ngoba usesebenze ezindaweni eziningi ezihlukene.
Ubalule ukuthi uke wasebenza eMnyangweni wezaseKhaya lapho ebebhekele abokufika, wathi uwumuntu owuthandayo umsebenzi wakhe, okholelwa kuNkulunkulu, othandazayo futhi washaqeka yindlela amalungu ePhalamende azibiza ngamakholwa abemphethe ngayo.
Uveze nokuthi uqeqeshwe emazweni aphesheya, uke waba wumshushisi womphakathi, wenza ucwaningo kwinhlangano yamalungelo abantu nakwezinye izindawo.