LUTHOLAKALE selushonile usana obelusanda kuzalwa lusongwe ngoplastiki kadoti eTea Estate, eNanda, KwaZulu-Natal, izolo.
Ngokwesitatimende sonogada be-Reaction Unit South Afrika (RUSA), bathole ucingo oluphuthumayo obeluqhamuka komakhelwane abakhelene nendawo izolo ekuseni.
Baphuthume endaweni ababizelwe kuyo behamba nabezimo eziphuthumayo abafike bathola ingane yentombazane ingaphefumuli isongwe ngoplastiki kadoti eduze komgwaqo, bayihlola kwatholakala ukuthi isishonile.
Kuthiwa amadoda amathathu okuyiwo athole ingane abalekile ngaphambi kokuthi kufike abantu.
Okhulumela iReaction Unit South Afrika, uMnuz Prem Balram, uthe ngesikhathi befika endaweni yesehlo batshelwe amalungu omphakathi ukuthi abesilisa abathathu abebehamba nezinja zokuzingela bebebheka emgqomeni kadoti nalapho bevule khona umgqomo bathola ingane ilahliwe, base bethinta abantu bendawo abashayele ucingo onogada.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Constable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa ayaphenya.
“Amaphoyisa ase-Verulam aphenya icala lokufihla ukubeletha kulandela isigameko lapho ingane ebisanda kuzalwa itholakale ishonile ngoJuni 25. Isidumbu sengane sitholwe sigoqwe ngoplastiki,” kusho uConst Ngcobo.