INGXABANO yabesilisa bandawonye baseMaphephetheni, eNanda, iphethe kabuhlungu, ikhipha isidumbu kwathi omunye wangeniswa egunjini labagula kakhulu elimele kanzima.
UMnuz Muntu Gwala kuthiwa ushonele emtholampilo emva kokuthi exabane nomfowabo igama lakhe eligodliwe njengoba kuvele ukuthi ubangwa nezibi esibhedlela emva kokulimala kanzima, okuvela ukuthi bagencene. Yize imbangela yokuxabana kwalaba bandawonye ingacaci, kodwa ngokulandisa komthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa, bobabili laba bebephuzile ngesikhathi bexabana njengoba bebephuma emcimbini obukomunye umuzi wesihlobo okhona endaweni, ngempelasonto.
“Kuphoqe ukuthi umphakathi ungenelele uzame ukulamula ngesikhathi omunye edonsa ucelemba egenca umfowabo ekhanda nasemlenzeni, kanti nobegenca naye ubesevele elimele kanzima. Lo obephucwa ucelemba ubesho ukuqeda namalungu omphakathi kodwa agcine ekwazile ukumphuca,” kuchaza umthombo.
Uthe omunye kubona ushonele emtholampilo kwathi umfowabo wangeniswa egunjini labalimele kakhulu kwesinye sezibhedlela eThekwini, lapho elashwa khona.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta ilungu lomndeni uNksz Ncinci Gwala, unqabile ukuphawula ngalolu daba waveza ukuthi usematasa njengoba ethe usedolobheni, wacela ukuthi abuye athintwe, wavala ucingo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Makhosini Luthuli, likuqinisekisile ukuthi lolu daba lwenzekile futhi kukhona abambikele ngalo.
“Ngenxa yokuba matasa, angikwazanga ukuyovakashela umndeni ngokuzwa ukuthi kwenzekeni. Nginqume ukuthi ngiye kusasa (esho namhlanje) ukuze sithole kahle udaba. Esisakuzwile nje ukuthi umufi uzofihlwa ngeSonto, nokuthi bebephuma emcimbini obukhona endaweni ngesikhathi kuqubuka ingxabano,” usho kanje
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala. Ngokwesitatimende samaphoyisa umufi washaywa abantu abangaziwa.