BADIDEKILE kuboshwa oshelwe wumuzi esayoncenga inkosikazi akade exabane naye yagoduka, ukuba ibuye ekhaya eNtaphuka, eNdwedwe.
Omakhelwane bendoda (54) eboshwe emuva kokushelwa wumuzi, bathi kuyadida ukuboshwa kwayo emuva kokwehlelwa wumshophi wokushelwa yisithabathaba somuzi.
Kuthiwa umuzi wayo ushe ebusuku bangoMsombuluko emuva kokuthi ishiye ikhandlela likhanya yayoncenga unkosikazi ohambe waya kubo emuva kwengxabano.
Isolezwe lithole ukuthi kuye kwaba nokuhilizisana ngamazwi phakathi kwendoda nenkosikazi yayo ngesikhathi indoda ivakashelwe ngumngani obephethe utshwala ngenhloso yokuthi babuphuzele emzini wale ndoda.
Kuthiwa inkosikazi iye yacela ukuthi utshwala buyophuzelwa kubo kwendoda, hhayi emzini wabo njengoba ingumuntu osontayo.
Indoda inqabile yahlala kwayo nomngani baphuza utshwala yagcina ihilizisana nomkayo.
Kuthiwa ibe isimphelezela umngani sebeqedile ukuphuza yathi uma ibuya ingxabano yaqhubekela phambili.
UMnuz Zibonele Ngcobo wenhlangano esiza umphakathi iNdwedwe Development Commitee, uthe bathole ukuthi emuva kwengxabano unkosikazi uye washiya umuzi wakhe wabuyela kubo, okungekho kude kakhulu nomuzi wayo.
Indoda kuthe sekwehle ulaka yamlandela, yashiya ikhandlela likhanya njengoba bese kumnyama ngenhloso yokuyoncenga umkayo ukuba abuye.
"Ibuye umuzi ususha kungasekho ukuthi ingangena egumbini obekushiywe kulo ikhandlela izame ukucisha. Ngiyile nami ngiyohlola isimo ngathola ukuthi kusele urawondi kuphela isithabathaba somuzi sishile. Ngesikhathi ngiya khona ngifice kunenkonzo nomama womuzi angikwazanga ukukhuluma naye ngoba ubelethelwe umkhuleko kulo rawondi osele," kuchaza uNgcobo.
Uthe baxakekile uma sekuboshwa umnumzane wekhaya ngoba abazi nokuthi icala livulwe nini nokuthi livulwe wubani.
Ucele usizo kumasipala nakubo bonke abantu baKwaZulu-Natal ukuze kusize umndeni oshelwe. Uveze ukuthi usele nokugqokile, kushe omazisi nezincwadi zendodana yakhona efunda u-matric.
UConstable Thenjiswa Ngcobo wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseNdwedwe aphenya icala lokucekela phansi umuzi emuva kwesigameko lapho kusolakala ukuthi indoda (54) ishise umuzi wayo eNtaphuka ngoJuni 24.
Kulindeleke ukuba ivele enkantolo yeMantshi yaseNdwedwe namuhla (kusasa).