IZIHLABANI zabaculi baseLimpopo ebezingamathe nolimu, uNdivhudzannyi "Makhadzi" Ralivhona no-Eric "Papa Penny" Nkovani, seziyinkukhu nempaka.
Isolezwe lithole ukuthi laba baqhathwe ukuthi uPapa Penny ulaxaze i-ANC, wajoyina iMK Party ekubeni uMakhadzi esasele kwi-ANC.
Indlela ebesebezwana ngayo laba baculi baze baqopha ngokuhlanganyela unqambothi lwengoma yokujuxuza esihloko sithi Milandu Bhe, okuyiculo elitholakala kwi-albhamu kaMakhadzi yango-2021 ethi African Queen 2.0.
Ekhuluma kwiMarcelo Simon Show, uPapa Penny uthe akazi ubangeni noMakhadzi ngoba uvele waziba izingcingo zakhe.
"Akasaziphenduli izingcingo zami. Angazi ukuthi ngimone ngani ngoba ngikwenze konke."
Uthe uke wamfonela wangamthola waze wathinta umsizi wakhe kodwa wathi uzobuyela kuye ukuthi usangena esteji. Eqhuba, uPapa Penny uthe ubuye wamfonela kodwa uMakhadzi wazenza omunye umuntu.
Uthe umtshelile ukuthi uyezwa ukuthi ukhuluma naye ngqo uMakhadzi.
UPapa Penny uthe kumphatha kabuhlungu ukungakwazi ukuxhumana noMakhadzi ngoba unezinhlelo ezinkulu zokuthi babuye baqophe elinye inoni ngoba iMilandu Bhe bayithande kakhulu abantu.
"Angisiye umuntu ogxeka abanye abantu. Ukuthi ngithi uMakhadzi uyilokhu nalokhu. Ngabe ngenza ubulima. Usedumile uMakhadzi. Engikucela kuye nje ukuba akakhethe abantu azosebenzisana nabo." UPapa Penny uthe okwenziwa nguMakhadzi kuye akukuhle ngoba kusasa uzomdinga.
Uthe useze wathatha isinqumo sokwenza enye ingoma engenalo izwi likaMakhadzi ngoba uyambalekela.
"Uma kwenzeka sihlangana emcimbini, uyothi uyangena uzocula ngimmise ngoba lena sekuyingoma yami ngedwa." Esephetha uPapa Penny uthe akananxa noMakhadzi ngoba uyamthanda futhi uyazi ukuthi ayikho ingoma edlula lena abayiqopha ndawonye.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMakhadzi ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Kuhluleke ngisho esethunyelelwa imiyalezo.