KUBE isiphithiphithi abantu bebaleka, kuqhuma isibhamu emini kabha, erenki yaseThuthwini, eseduze nezitolo eMthwalume izolo, esigamekweni esidlule nemiphefumulo yabane okuthiwa kukhona kubo nosomatekisi odumile waseHlokozi.
Lesi sigameko esishiye amalungu omphakathi azibonele senzeka ethuthumela ngenxa yokwethuka, kukholakala ukuthi abathathu abebeqaphe usomatekisi (igama lakhe eligodliwe kuze kwaziswe umndeni) bashonele endaweni yesigameko kwathi yena wadlula emhlabeni emva kwesikhashana engeniswe emtholampilo.
Ilungu lomphakathi elizibonele ngamehlo kwehla lo mshophi, lithe imoto ebihamba usomatekisi nokukholakala ukuthi bebemgadile ihlaselwe abathile abebehamba ngezimoto ezimbili abavele bakhipha izinhlokohlela zezibhamu ngamawindi badubula bebhekise ngakuyo, yasala imbobombobo.
“Kuvele kwaqhamuka imoto eyiveni, abebephakathi bakhipha izinhlokohlela zezibhamu ngamawindi kwasho inhlamvu. Bengisathi ngingena esitolo kwa-Boxer, angibange ngisaqhubeka. Ngivele ngajika ngabaleka ngingazi kwenzekani, ngala ebengibalekela ngakhona kuvele kwaqhamuka imoto ethwala imali, ngavele ngangabe ngisazi ngishonephi ngoba bese ngizitshela ukuthi kubanjwa yona inkunzi,” kusho ilungu lomphakathi.
Liveze ukuthi akabange esakuthenga abekusukele ekhala ngoba bese kugxabha isisu ngenxa yokuduma kwezulu lezandla.
Kwi-video eqoshwe kwenzeka lesi sigameko kubonakala abantu besaphazeka bebaleka, oyiqophayo elokhu ebabaze njalo isihluku.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo, usomatekisi ngesikhathi ehlaselwa ubephuma eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe lapho kukhona icala alihambayo. Kuvela ukuthi ungumfowabo kasomatekisi waseHlokozi owayesatshwa, owashona eminyakeni edlule emva kokudutshulwa amaphoyisa, ayekade emfuna uthuli.
Ngesikhathi sokuloba, amaphoyisa abesaqinisekisa ukuthi bathathu abadlulile, kodwa umthombo weSolezwe uveze ukuthi owesine ushonele emtholampilo.
Oyimenenja yenhlangano yamatekisi, i-South African National Taxi Association KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase, ngesikhathi sokuloba uthe bebengakatholi mbiko ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aseHibberdene aphenya amacala okubulala.
“Kukholakala ukuthi umshayeli nabagibeli bebephuma enkantolo ekhona endaweni besathi bangena emgwaqweni omkhulu ngesikhathi bevalelwa ekhoneni ngabebehamba ngezimoto ezimbili abavele bavulela ngenhlamvu. Kukholakala ukuthi abasolwa baphinde bathatha izibhamu zabagilwa ngaphambi kokuthi bashaye bachithe endaweni yesigameko,” kusho uNaicker.
Uthe imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa okwamanje, amaphoyisa ayaphenya.
Kule ndawo okwenzeke kuyo lesi sigameko kuyaphithizela njengoba kunerenki yamatekisi, kunezitolo eduze nezinye izakhiwo zikahulumeni zokusiza umphakathi. Ngenxa yokuphithizela imoto edlula ngakhona ayikwazi ukuhamba ngejubane eliphezulu.