KUSHAQEKE abaningi owasinda esigamekweni sokusocongwa kwekhansela ngeledlule, eMsinga, ekhomba imeya ngenjumbane.
Lo mlisa wayesemotweni ngesikhathi behlaselwa, uchaze akubona ngesikhathi kubulawa ikhansela le-IFP ku-ward 11, uMnuz Siyanda Magubane.
Uthe uzwile amaphoyisa ethi izinhlamvu zesibhamu sokugcina esadubula kawazitholanga. Usho lokho-nje, uchaza konke akubona kwenziwa wumbulali owayemi ngemuva kwemoto ehlasela. Uthi wabona kukhanya izulu ngesikhathi isibhamu sisakhamisile anduba umsolwa angene emotweni yakhe.
Uthe esechaza imoto yomsolwa, yagcwala incwadi kwabaningi abebesetendeni abayaziyo ukuthi leyo moto ihamba bani.
“Lilahle oyedwa kodwa laba abebeshaya alikabalahli, lilahle umnikazi wendaba, ngizonitshela futhi ukuthi ubani umnikazi wendaba,” kusho ilungu lomndeni.
Akagcinanga lapho, kodwa lo wesilisa uqhubeke walibeka ngembaba ukuthi ngubani ungqondongqondo.
“Mhlonishwa umeya, Gatsheni bekungafanele usibulale kanje mfwethu.”
Uthe eqeda ukukhuluma lo wesilisa wabe esephelezelwa ngamaphoyisa emkhipha etendeni. Lo mlisa ukhulume la mazwi nje, imeya ibihleli etafuleni nezinye izikhulu bethamele umngcwabo
WATCH: There were shocking revelations and allegations regarding the killing of Siyanda Magubane, an IFP councillor in Umsinga local municipality in KwaZulu-Natal. His family "named" the person who allegedly orchestrated the assassination last week. 🙄![CDATA[]]>🙄![CDATA[]]>🙄![CDATA[]]>🙄 pic.twitter.com/vmvWS8UdMf
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) September 18, 2022