BUHLUKANE phakathi ubuholi bamaphoyisa kule mpelasonto kungcwatshwa amalungu alo mbutho asale empini ngesandla sezigebengu.
UNgqongqoshe uBheki Cele ubesesifundazweni saKwaZulu-Natal kufihlwa iphoyisa oLundi kanti iphini lakhe beliseGauteng lifihla iphoyisa elishonele eTembisa.
UConstable Marven Maphoro wadutshulwa wabulawa ngoLwesine olwedlule esigamekweni sokuqhunyiswa kwe-ATM egaraji likaphethroli eTembisa, eGauteng.
UConst Maphoro obeneminyaka engu-12 esiphoyiseni ufihlwe ngoMgqibelo enkonzweni ebibanjelwe eBronkhorspruit. Umngcwabo wakhe uhanjelwe nguMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemula nePhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Cassel Mathale.
UCele ubehambisana nephini likakhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLt Gen Tebello Mosikili nomkhuzi wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi kufihlwa uConstable Sphesihle Brian Cele oneminyaka engu-26 ubudala.
UCele ongowokudabuka eMakhosini eBabanango, ubesebenzela esiteshini samaphoyisa eMpangeni ngaphansi kophiko i-Public Order Policing.
Kuthiwa udutshulwe washonela endaweni yesigameko ngesikhathi amaphoyisa etholene phezulu nabebesolwa ngobugebengu, okuthiwa bebehlalise lubhojozi umphakathi, esigamekweni esenzeke ngoLwesine ebusuku.
Ngokombiko wamaphoyisa, angu-70 amalungu alo mbutho afe ehlaselwa noma etholene phezulu nezigebengu kulezi zinyanga eziyisikhombisa ezedlule.