ZIDLA ngamapayipi iziguli esibhedlela eRK Khan, eChatsworth ngenxa yezinkawu ezichachaza emawodini zizitike ngokudla kwabantu.
Kuleli sonto iziguli ezilele kwelinye lamawodi kulesi sibhedlela zithathe i-video yezinkawu zihleli phakathi ewodini zidla ukudla kwazo. Iziguli ezilaliswe kuleli wodi ezinesifo somdlavuza.
Ngo-2019 owayenguNgqongqoshe wezeMpilo ngaleso sikhathi uDkt Aaron Motsoaledi, wazifikela mathupha kulesi sibhedlela, ngemuva kokubona i-video eyayikhombisa ogoboyi bechwayitheka phezu kwamakhethini abanye bezikholisa ngokudla kweziguli. Wathi kuqokwe
ithimba elizolungisa lesi simo kodwa kuleli sonto kuphinde kwavela enye i-video ikhombisa onkabimalanga sebebuyele embusweni.
Umthombo waleli phephandaba obuvakashele isihlobo kulesi sibhedlela, uthe ngesikhathi evakashile uthuke kakhulu ngesikhathi kungena iqulu lezinkawu ezilinganiselwa eshumini ngamafasitela ahlale evuliwe ngoba kuyashisa.
"Zingene ngesikhathi sezivakashi. Bekungathi isekisi iziguli ebeziqala ukuzibona zibaleka ezinye zizimboza ngamashidi. “Ezinye bezizama ukuthatha ukudla kwazo zikuvalela emakhabetheni, izinkawu zikudonsa ngenkani. Iziguli esezinesikhathi zilele kulesi sibhedlela bezithule emibhedeni yazo. Angikaze ngiyibone into enjengale. Izinkawu ziyazicanasela nje emawodini sengathi akwenzeki lutho. Uma ukhuluma nonesi ngalokhu bathi ungazichukuluzi. Ngikhathazeke ngokuthi azikho yini izifo ezingazithelela iziguli ezivele zigula njengoba zidla zichithe phezu kweziguli," kusho ongumhlobo wesinye isiguli.
Uthe isihlobo sakhe esinezinsuku ezimbalwa silalisiwe esibhedlela, sithe sesifisa ukuphuma ngoba kwesinye isikhathi izinkawu zidonsa ama-drip azigcini ngokudla. UMnuz Steven Smit weMonkey Helpline eseWestville, uthe ithimba lakhe seliye kwaze kwaba kabili esibhedlela iRK Khan liyofundisa abasebenzi bakhona ukuthi bangasilawula kanjani isimo, abasebenzi bakhona bazishaya indiva izeluleko zabo.
"Izinkawu aziyona ingozi, uma zingachukuluziwe ngeke zihlasele muntu. Izinkawu azihluphi kuwo wonke amawodi kulesiya sibhedlela, kunathile ahlale enokudla okuningi ezingena kuwo ngoba zifuna khona. Kulula ukulawula lesiya simo kumele kuhlale kunonesi osewodini ozophatha ibhodlela elinamazi aputshuzwayo. Izinkawu zingamagwala zingaphuma zibaleka zithelwa ngamanzi."
Uqhube wathi azikho izifo ezisatshalaliswa izinkawu ngokungena lapho kuneziguli khona. UMnyango weZempilo awuyiphendulanga imibuzo othunyelelwe yona.