BAZOHLANGANA nemamba iphuza umhluzi abantu abasabisa ngodlame nezenzo zokuphulwa komthetho uma sekukhishwe imiphumela yokhetho.
Lesi sixwayiso esishubile sikhishwe wuhlaka longqongqoshe beminyango ebhekele ezokuphepha kuleli, iNational Joint Operational and Intelligence Structure (Natjoints) esithangamini sabezindaba.
INatjoints ithi yenelisekile ngokugcinwa kokuthula nokuphepha okubonakale ngokhetho, nakuba kukhona ababoshiwe.
Labo ngqongqoshe baphendule imibuzo yezintatheli mayelana nenkulumo yowayengumengameli wezwe ne-ANC, uJacob Zuma.
UZuma, ubulungu bakhe obumisiwe kwi-ANC futhi osengumholi weqembu uMkhonto weSizwe Party, uthe ayikho imiphumela yokhetho ezomenyezelwa yi-IEC (izolo) ingakabaphenduli izikhalazo zabo.
Uthe kumele i-IEC iqale ibenelise ukuthi ikubhekile abebekade bekhala ngakho
“Ayikho imiphumela ezomenyezelwa. Uma kwenzeka, kuyosho ukuthi siyachukuluzwa ngoba siyayazi into esikhuluma ngayo, asiqageli. Kungani bejaha ukubala? Ngiyathemba obhekele lokhu uyangizwa, ningayiqali inkinga uma ingekho,” kusho uZuma.
UNgqongqoshe wezokuVikela noMakadebona bezeMpi, uNkk Thandi Modise, uthe amasosha afika emva kwendaba ngomtapo ngoJulayi 2021, nokuyinto eyabavula amehlo engasoze iphinde yenzeke.
Ufungile wathi bami ngomumo bazofika ngesikhathi uma bedingeka.
“Akukho namunye ozobekezelelwa uma ephazamisa amalungelo ezinye izakhamizi. Nakuba abantu benelungelo lokukhuluma bezwakalisa izimvo zabo, kodwa lelo lungelo linomkhawulo,” uNksz Thandi Modise enxenxa abantu bathobele umthetho.
Uthe bazongenelela uma leli lungelo lokukhuluma libeka engcupheni impilo yomuntu nempahla.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele ushayelele isipikili, wathi akukhathaleki ukuthi uwubani kodwa uzojeza kanzima lowo ozoke aphule umthetho.
Ukhumbuze abantu wathi kumanje bagqigqa inkantolo abammangalelwa abevile ku-60 abathweswe amacala okuvukela uMbuso nokuphehla izibhelu zangoJulayi 2021.
UKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, uthe kuboshwe abantu abangu-90 ngesikhathi sokuvota, kwavulwa amacala angu-130.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe abaholi bezepolitii basayina umgomo wokuziphatha ngesikhathi sokhetho okumele awulandele. Uthe ukuphulwa kwawo kusho ukuphulwa komthetho okuhambisana nokubhekana nengalo yomthetho.