IFANA nenkomo yomqhoyiso indaba yePhala Phala, babodwa bathi ayilale, babodwa abathi gede ayivuke, iqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) linikele enkantolo yoMthethosisekelo ukuphikisa isinqumo esenziwa yiPhalamende sokungaqhubeki nophenyo mayelana nalolu daba.
Leli qembu eliholwa uMnuz Julius Malema lifake amaphepha kule nkantolo likhala ngokuthi i-African National Congress isebenzise ubuningi bayo ePhalamende ukuvukela umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
Leli qembu lithi kwakungukuphula umthetho lokhu okwenziwa yi-ANC ukuthi ihluleke ukuvula ithuba lokuthi uRamaphosa aphendule ngokuthi kungani angabikanga ngokulahleka kwemali epulazini lakhe.
Leli qembu lifuna inkantolo yoMthethosisekelo iphoqe iPhalamende ukuba kusetshenziswe ngokusemthethweni imigomo yombiko owakhishwa ngowayengumengameli wamajaji uSandile Ngcobo ngalolu daba olwavela ngoFebhruwari 2020 ngokwebiwa kwamakhulu ezinkulungwane zamaDola epulazini likamengameli iPhala Phala.
Ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko, uMalema uthe: “Sizolwa nenkohlakalo ngesikhathi sikaZuma siphinde silwe nayo engasekho uZuma. UZuma ukhohlakele sasingadidisekile ngenkohlakalo kaZuma. UCyril Ramaphosa uKhohlakele, sasingadidisekile ngokukhohlakala kukaCyril Ramaphosa. Sizobe sisemgwaqweni ngoLwesibili silibangise eNkantolo yoMthethosisekelo.”