UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe izinto zizogaya ngomunye umhlathi kulabo abasuke behamba nesidumbu emotweni uma kuyongcwatshwa njengoba bezoba babili emotweni.
Uthe lokhu bakwenza ukuze kuvikelele abahamba naso. “Kumele babe babili abazohamba nesidumbu uma siyongcwatshwa. Lokhu sikwenza ukuze sibavikele uma kungukuthi oshonile ubeneCoronavirus,” kusho uCele. Ubephendula imibuzo kuchazwa ngemigomo yesigaba sesithathu sikathaqa esiqala ngoMsombuluko.
Uthe bangu-243 000 asebeboshiwe selokhu izwe laqala ukuvalwa ngoMashi.
Ukhale ngesibalo esiphezulu samaphoyisa ahaqwe ubhubhane athe angu-841.
“Uma ubheka kulesi sibalo samaphoyisa ahaqekile, angu-601 aseWestern Cape, okukhomba ukuthi inkulu inkinga khona. Ayisishiyagalombili amaphoyisa asebulewe yiCorona.”
Uthe izivimbagwaqo zisazoba khona futhi basazowuqinisa umthetho.
“Sizowuqinisa umthetho ikakhulu kulezi zindawo ezinesibalo esiphezulu seCorona okubalwa nesifunda iLembe KwaZulu-Natal nezinye. Sisazoqhubeka sifune imvume yokuthi uphumelani ekhaya, sifuna abantu baqhubeke bagqoke izifonyo.”
Uthe ukuvakashela izintombi, izihlobo, nabangani akuvumelekile. Odabeni lotshwala uthe ngoLwesihlanu kuya ngeSonto akumele utshwala buhanjiswe noma budilivwe.
“Sifuna ukunxusa abantu ukuthi bangalingeki badayise uma sekumele kuvalwe ukudayisa. Uma kushaya * -5 vala...”
UNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula uthe kumele kubikwe amaphoyisa namasosha ahlukumeza umphakathi. Uthe uma amasosha efica umuntu ephuza kwakhe, awamzibe angangeni.
Uthe bangabikwa ku: 0800 333 177.