UMMANGALELWA wesibili ecaleni lokungqongqiswa kwephoyisa nemoto, uthi wathola esefike endaweni yesigameko ukuthi kuzoshiswa imoto nomufi.
UMnuz Sibusiso Ndlela owayena-19 ngesikhathi kubulawa uConstable Zolani Zuma, wethule ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesithathu.
UNdlela uthe wayecabanga ukuthi liphuthunyiswa esibhedlela iphoyisa elalopha kakhulu, lifakwe kuplastiki kadoti lagxishwa ebhuthini yemoto yalo eTshelimnyama, eMariannhill.
Uqhube wathi yena nomngani wakhe, uSamu, babekade behlezi ezihlalweni ezingemuva emotweni kaZuma iVW Polo eyabe isishayelwa yindoda ayibize ngoDuve.
Ngaphambi kwemoto ababehamba ngayo kwakuneloli iKia eyayishayelwa ngowesilisa ambize ngoLungelo, ongumzala kammangalelwa wokuqala uMnuz Mzikayifani Ndebele owayena-18 kwenzeka isigameko.
Ngalesi sikhathi uNdlela uthe uNdebele wayemshiye esibhedlela noninalume ayemdubule ngephutha.
Uqhube wathi endleleni yajama imoto kaZuma izikhawu zaze zaba mbili, kwaphoqa ukuthi idonswe futhi idushwe.
“Ngatshelwa nguDuve ngesikhathi sesifikile endaweni okwakuzoshiswa khona imoto, ukuthi umufi uzoshiswa nemoto yakhe.
Mina noSamu kwasethusa kakhulu ukuzwa lezi zindaba ngoDuve kodwa asibalekanga,’’ kusho uNdlela.
Udalule ukuthi wabe elokhu eduduza uSamu embambe ngesandla, owathi akubalekwe emuva kokuzwa lezi zindaba ezishaqisayo.
Ebuzwa ngummeli wakhe, uNkk J Hariram, ukuthi akabalekanga ngani, uNdlela uthe kwakungelula abaleke ngoba wayengazi ukuthi siphethwe wubani isibhamu.
UNdlela uveze ukuthi uLungelo watshela uSamu ukuthi angatsheli muntu ngale nto eyayizokwenziwa.
Kuleli cala kwaqale kwaboshwa abantu abahlanu, kwathi abathathu badedelwa ukuze babe ngofakazi boMbuso.
Ngesikhathi befika enkantolo bezofakaza, baxwayiswa ngokuthi bakhulume iqiniso njengoba linjalo, kungakhathaleki ukuthi liyabaninda nabo, kungenjalo nabo bazothweswa amacala abhekene nabasolwa.
Ngeledlule omunye walawa madoda, uMnuz Nzuzo Mngadi, utshele inkantolo ukuthi kwakunguyena benoNdlela abafaka koplastiki uZuma maqede bamfaka ebhuthini yemoto yakhe iPolo, beyalelwa nguDuve.
UDuve benoLungelo kuthiwa abaziwa ukuthi bakuziphi izinkalo.
UNdlela ukuphikisile enkantolo okwashiwo wuMngadi ngaye, wathi uyamnyundela ukuze yena asale necala bese uMngadi eyakhishwa.
Kulindeleke ukuthi kuphothulwe ukwethulwa kobufakazi, bese kwenziwa izethulo zokugcina wumshushi nabamele abammangalelwa.