UFAKAZI ongumngani kamsolwa wesibili ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa, uthe umsolwa wahlambuluka kuyena ngokubulala umufi futhi waze wachiphiza izinyembezi eqeda ukugonyuluka.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ngo-2014.
Ufakazi woMbuso uMnuz Msizi Jack Buthelezi, izolo utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi wamtshela ngokubulala uMeyiwa. UButhelezi uthe wathola ucingo lukaNtanzi emcela ukuthi azombona enkantolo thizeni eRustenburg, eNorth West lapho ayeyovela khona ngecala lezinhlamvu zesibhamu.
UButhelezi uthe baphambana enkantolo bangabonana, uNtanzi washaya ucingo wathi abahlangane edolobheni nokulapho amtshela khona ngodaba lokulimaza uMeyiwa. UButhelezi uthe wafica imoto yamaphoyisa imile uNtanzi ephakathi, amaphoyisa amvumela ukuthi angene ambone.
“Ngambuza ukuthi kwenzenjani wathi uboshelwe icala lezinhlamvu nelinye laseVosloorus ngoba balimaza uMeyiwa ephathini wayenabangani bakhe oMaphisa. Ngase ngimnika uR500 emuva kwalokho wafulathela wakhala sase sihlukana kanjalo-ke,’’ kusho uButhelezi.
Ufakazi uthe ngesikhathi bexoxa amaphoyisa ayebuqamama ebanike ithuba lokuxoxa futhi uNtanzi wayekhulumela phansi ngesikhathi bengqumuza lolu daba. UButhelezi uthe uNtanzi wumngani wakhe omkhulu osefana nomfowabo ngoba babehlala ndawonye ehostela yena uButhelezi eyigoso likaNtanzi ngoba babeshaya naye ingoma.
Kuvulwe ithuba lokuphosa uButhelezi imibuzo kwangena u-Advocate Sipho Ramosepele omele uNtanzi, wabuzisisa ufakazi. URamosepele uthe umuntu ammele uyakuchitha ukuthi wahlambuluka kodwa uthi wamtshela ukuthi uboshiwe ngamaphoyisa athi wabulala uMeyiwa.
IJaji Ratha Mokgloatlheng lithe lizwe kahle ukuthi ufakazi akashongo kanjalo kodwa uthe ummangalelwa wathi babulala uMeyiwa. Kusukume u-Advocate Mshololo omele ummangalelwa wesihlanu wabuzisisa ngokuhlambuluka kommangalelwa. Kulapho-ke uButhelezi eshintshe khona wathi uNtanzi wathi uboshiwe amaphoyisa athi wabulala uMeyiwa.
UNtanzi phambilini wahlonzwa abanye ofakazi njengomuntu owadubula uMeyiwa.
Icala liyaqhubeka namuhla.