UCWANINGO lwakamuva olwenziwe kwiJohannesburg Stock Exchange (JSE), yiJust Share luveze ukuthi zinhlanu kuphela izinkampani ezikwi-JSE Top 40 ezinamabhodi aphethwe ngabesifazane.
Lezo zinkampani yi-Impala Platinum, Shoprite Holdings, Sasol, Standard Bank Group neCapitec.
Zine kuphela izinkampani ezinkulu kuleli eziphethwe ngabantu besifazane okuyi-FirstRand, Bidvest Group, Clicks Group ne-Exxaro Resources.
Ziyisishiyagalombili kuphela izinkampani ezikwi-JSE Top 40 ezikwazile ukungenisa isibalo esanele sabesifazane emabhodini azo okuyi-Bidvest Group, British American Tobacco, Discovery, Exxaro, Impala Platinum, Investec PLC, Investec Ltd neNortham Platinum.
Zimbili kuphela ezikwazile ukuletha isibalo esanele sabesifazane ezikhundleni zokuphatha okuyi-Bidvest Group neBHP Group.
Zintathu kuphela izinkampani ezizimesele ukufaka isibalo sabesilisa nabesifazane esilinganayo emabhodini azo futhi ezimemezele lezo zinhlelo, okuyi-AngloGold Ashanti, Impala Platinum neWoolworths.
Kusukela ngonyaka odlule iBidvest Group iyona yodwa inkampani ekwi-JSE Top 40 ebe nesibalo esithe xaxa sabesifazane ebhodini layo okuwu-64% nasezikhundleni zokuphatha okuwu-58%.
Abesifazane abekho ezikhundleni zokuphatha ezinkampanini ezidayisa ukudla njengoba bewu-18% kuphela, lesi sibalo sehle ngo-23% uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule. IJust Share iveze ukuthi ezinkampanini ezinkulu ezihweba eJSE ezibizwa nge-JSE Top 40, wu-36% kuphela wabesifazane abasemabhodini azo. Kuthiwa abesifazane abasezikhundleni zokuphatha kulezi zinkampani benza u-23% kuphela yize abesifazane benza u-46% wabantu abasebenzayo.
Ithe lokhu kusho ukuthi kulo nyaka lezi zinkampani azenzanga kahle ekukhuphuleni abesifazane njengoba ngo-2023 umbiko weJust Share wathola ukuthi wu-36% wabesifazane owawusemabhodini ezinkampani ezikwi-JSE Top 40 okusho ukuthi lesi sibalo sinyuke ngo-1% kulo nyaka. Ngonyaka odlule bebewu-25% abasezikhundleni zokuphatha kulezi zinkampani.
Ithe ngisho ukunyuka kancane kwesibalo sabesifazane abasemabhodini ezinkampani ezikwi-JSE Top 40 akudalwa wukuthi kungene abanye kodwa kudalwa wukuthi sinciphile isibalo samadoda asemabhodini.
Ithe lezi zibalo zihambisana nokwenzeka emhlabeni jikelele kodwa okungcono wukuthi kuleli abesifazane bakhona emabhodini inkinga isasezikhundleni zokuphatha izinkampani.
Kubuye kwavela ukuthi u-80% wezinkampani ezikwi-JSE Top 40 awunayo imithetho yokufaka zonke izinhlanga zakuleli emsebenzini.
UMnuz Kwanele Ngogela obheka izindaba zokungalingani eJust Share, uthe kufanele abaphethe izinkampani ezihweba eJSE baqinisekise ukuthi kunokulingana kwezobulili futhi kuqashwa zonke izinhlanga zakuleli.
Uthe neJSE kufanele ilandelele ukuthi imithetho eyibekile yokulingana nokuqashwa kwazo zonke izinhlanga iyalandelelwa ezinkampanini ezihweba kuyo.