UMMANGALELWA utshele inkantolo ukuthi nguyena owadubula iphoyisa ngoba lalikade likhombisa udlame nobungozi empilweni yabo futhi uma likhuluma lizwakala ukuthi licwile ezinkambeni zikaFaro.
Lobu wubufakazi obethulwe uMzikayifani Khayelihle Ndebele owayena-18 ngesikhathi edubula uConstable Zolile Zuma, owayengekho emsebenzini, ngesikhathi somtapo ngoJulayi 13, 2021 eTshelimnyama, eMariannhill.
UZuma watholakala eseshonile engqongqiswe nemoto yakhe iVW Polo emuva kokuthi edutshulwe uMzikayifani.
UDkt Wandile Mbhele owahlola isidumbu sikaZuma, utshele inkantolo ukuthi umufi washiswa ephila wabulawa ukusha akuthola nokuhogela intuthu.
UMzikayifani ubeluswa ngemibuzo ummeli wakhe, uMnuz Musa Chiliza, ngesikhathi etshela iJaji Carol Sibiya leNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, evuma ukuthi wadubula amahlandla amabili ebhekise kuZuma wawa phansi.
UChiliza uqale wacela ijaji limkhiphe phambili uMzikayifani ngoba uMbuso uhlulekile ukuhlinzeka inkantolo ubufakazi obuqanda ikhanda obumgojelayo. Ijaji lisichithile lesi sicelo, lathi ummangalelwa kumele aphendule kwasolwa ngakho.
UMzikayifani udalule ukuthi wasibamba ngezandla isibhamu ayekhonjwe ngaso uZuma, maqede bashudulisana nomufi besibanga sagcina ngakuyena waphetha ngokuthi adubule.
Uthe naye wawa phansi ephunyulwe ekubanjweni ngesandla uZuma kwathi esezama ukusukuma phansi, inhlamvu yesithathu yadubula edolweni ngephutha umalume wakhe ababezungeze naye umufi.
Udalule nokuthi waphinde wadubula kabili emoyeni ebhekise emadodeni amabili ayekade ehamba noZuma ngemoto, adla phansi.
Ngesikhathi ethula ubufakazi uMzikayifani ubebuye ahlome ikhanda phansi, akhulumele phansi aze acelwe yijaji ukuthi enyuse izwi, nobekuthi uma esevuse amehlo acwayize kaningana ebheke endaweni eyodwa.
Uhlawumbisele ukuthi lesi sigameko senzeka ngokuphazima kweso wahlawumbisela isikhathi esiyimizuzwana engu-20.
UMzikayifani ugqunywe ezitokisini emuva kokunqatshelwa ibheyili njengoba ethweswe amacala amabili okuzama ukubulala. Uboshwe nommangalelwa wesibili uMnuz Sibusiso Ndlela obhekene necala lokuthumba nelokubulala.
Kuthiwa uMzikayifani, umalume wakhe noSiyanda bahujwa ngemoto uZuma emuva kokutapela abantu ababekade betape utshwala kwenye yezindawo eziseMarianhill.
Kuvela ukuthi uZuma wayengasebenzi ngelanga abulawa ngalo eziphuzele utshwala futhi bosa inyama nabazala bakhe nomakhelwane.
Kuthiwa wazama izikhawu ukumisa laba abathathu ababehamba ngeveni iKia futhi eqhumisa nesibhamu emgwaqweni uNkazimulo waze wabathola sebemi esangweni lomuzi kamalume kaMzikayifani.
UMzikayifani uthe uZuma wavele wabakhomba ngesibhamu wabatshela ukuthi bajwayela abantu kabi. Uthi lokhu wayekushiswa ukuthi babaleke notshwala babantu ababekade bebacele ukuthi babathuthele bona.
Kulindeleke ukuthi uNdlela ethule ubufakazi bakhe namuhla.