SEKUQUBUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulu kwi-X, ngenxa yezindaba zokudlulela esigabeni sabawu-13 bokugcina emncintiswaneni wokumodela uMiss South Africa, kukaChidimma Adetshina, abantu abathile abashaya amakhala ngokungenela kwakhe lo mncintiswano othathwa njengomkhulu yokumodela ezweni.
Okushukumise izinto futhi kwadala ukwehlukana kwemibono kubantu wukuthi ubaba kaChidimma (23) ngowaseNigeria, kuthi unina owaseMozambique kodwa wakhulela kuleli. Kuvele ukuthi lo nobuhle wazalelwa kwesinye sezibhedlela zaseGoli, wakhulela eSoweto.
Kwi-video eyangenela ngayo uMiss SA, le ntokazi eyenza izifundo zomthetho eVarsity College, yazichaza ukuthi ingunobuhle ophokophelayo nonamaphupho waseKapa.
Abantu banikele kwi-X besho imibono yabo ngalolu daba.
U-@Mbalinsimbini uthe: “Umbuzo wami wukuthi umele luphi uhlanga? Uma enqoba uzomela bani, futhi yiluphi ulimu lwakuleli zwe akwazi ukulikhuluma? UMiss SA usuyinhlekisa.”
U-@YesThatRuss ubhale wathi: “UMiss SA ngowabantu bakuleli zwe, njengoba nokwenziwa eNigeria kwenzelwa abantu bakhona. Yekani ukuthatha izinto zethu nizinike abantu bakwamanye amazwe.”
U-@NokulungaZulu2 yena uthe: “UMiss SA owabantu baseNingizimu Afrika, akahambe eyoncintisana nabakubo eNigeria.”
U-@ShottaZee uthe: “Abantu baseNingizimu Afrika kuphela abafike bavikele abadlali bebhola baseFrance abamnyama ukudlalela leliya lizwe, bese bezogxeka umuntu ongenele uMiss SA ngokwenza okufanayo. Awukwazi ukushintsha imithetho ngoba nakhu sekuyinto eqondene nawe, yenza okukodwa.”
Akuqali ukuba nomsindo ngemithetho nendlela inhlangano iMiss South Africa eyenza ngayo uma iqoka onobuhle abazongenela umncintiswano wayo.
Ngonyaka odlule, kwasuka umsindo nempikiswano ngenkathi imemezela ukuthi umncintiswano wayo usuzongenelwa wonobuhle abashadile nabanezingane, into ebikade ingavumelekile eminyakeni edlule.
Kuthintwa okhulumela iMiss SA Organisation, uJanine Walker, ucingo lwakhe belukhala umlibe lungabanjwa. Kwale ngisho esethintwa kwiWhatsApp, wangaphendula imibuzo abethunyelwe yona ngalolu daba.
Umcimbi wokuklomelisa ozonqoba kulo mncintiswano, nozobe ethatha isicoco kuNatasha Joubert onqobe nyakenye, uzoba se-SunBet Arena, ePitoli ngo-Agasti 10.